Esikhundleni sethusi ngiyakuletha igolide , nasesikhundleni sensimbi ngiyakuletha isiliva; esikhundleni somuthi ithusi , nasesikhundleni samatshe insimbi, ngibeke ukuthula kube ngababonisi bakho , nokulunga kube ngababusi bakho.
Ngiyakukhipha igazi labo emlonyeni wabo , nezinengiso zabo phakathi kwamazinyo abo , nabo uqobo babe yinsali kuNkulunkulu wethu , babe ngababusi kwaJuda nase-Ekroni njengamaJebusi.