UJonathani wathi odibini lwakhe oluphethe izikhali zakhe : Woza siwele , siye ekha ndeni lalabo abangasokile ; ingabe uJehova uyakusisebenzela , ngokuba akukh o okumthiyayo uJehova ukuba asindise ngabaningi noma ngabayingcosana.
Kuyakuphuma kubo udumiso nezwi labathokozayo ; ngiyakubenza babe baningi, bangabi ngabayingcosana, ngibadumise, bangeyiswa.