Sebehlale khona isikhathi, bamukiswa ngabazalwane ngokuthula, babuyela kubo ababathumileyo.
Kepha uPawulu wazikhethela uSila , wahamba enikelwe ngabazalwane emseni weNkosi.
owayefakazelwa kahle ngabazalwane baseListra nabase-Ikoniyu.
Uma kubuzwa ngoThithu, yena ungumhlanganyeli nesisebenzi kanye nami kini; noma kubuzwa ngabazalwane bethu , bayizithunywa zamabandla , bayinkazimulo kaKristu.