"ngabeka"
12 occurrences in ZUL
Nxa sengibonile ukuthi aningisindisanga, ngabeka ukuphila kwami esandleni sami , ngadlulela kubantwana bakwa -Amoni, uJehova wabanikela esandleni sami; ngalokho nikhuphukeleni kimi namuhla ukulwa nami na?
Ngabona konke lokho , ngabeka inhliziyo yami kuyo yonke imisebenzi eyenziwa phansi kwelanga ngesikhathi lapho umuntu ebusa omunye kube ngukulimala kwakhe.
Ngabathuma k u-Ido, inhloko yasendaweni yaseKhasifiya , ngabeka emlonyeni wabo amazwi abayakuwakhuluma ku -Ido nakubafowabo amaNethini endaweni yaseKhasifiya ukuba basilethele izinceku zendlu kaNkulunkulu wethu.
Ngase ngikhuphulela ogangeni izikhulu zakwaJuda , ngabeka izigaba ezimbili ez inkulu ezabongayo , zahlaba ihele ; esinye sahamba ngakwesokunene ogangeni, saya ngaseSangweni Lomquba;
Ngabeka abaphathizikhwama phezu kwengcebo : nguShelemiya umpristi , noSadoki umbhali , noPhedaya wamaLevi ; eceleni kwabo kwakunguHanani kaZakuri kaMathaniya , ngokuba kwat hiwa bathembekile; babeyakwabela abafowabo.
Kwathi lapho amasango aseJerusalema eseqala ukuba mnyama lingakafiki isabatha, ngathi mazivalwe izivalo , ngathi futhi mazingavulwa lize lidlule isabatha, ngabeka ezinye izinceku zami ngasemasangweni ukuba kungangeniswa mthwalo ngosuku lwesabatha.
Ngabeka phambi kwamadodana endlu yamaRekabi izimbizana ezigcwele iwayini nezindebe, ngathi kubo: Phuzani iwayini.
Ukuze kuvuswe ukufutheka kube yimpindiselo , ngabeka izingazi zawo edwaleni eliyinyabule ukuba zingasitshekelwa.