"ngahlala"
12 occurrences in ZUL
Lapho sengikhuphukele entabeni ukuba ngamukele izibhebhe zamatshe , izibhebhe zesivumelwano uJehova asenza nani , ngahlala entabeni izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane ; angidlanga sinkwa, angiphuzanga manzi.
Ngahlala entabeni njengakuqala izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane ; uJehova wangilalela nangaleso sikhathi , akanibhubhisanga.
Lapho ngizwa leyo ndaba, ngaklebhula ingubo yami nejazi lami, ngahluthula izinwele zekhanda lami nesilevu sami, ngahlala phansi ngimangele.
Kwase kubuthana kimi bonke abathuthumela ngamazwi kaNkulunkulu ka - Israyeli ngenxa yesiphambeko sabathunjwa ; ngahlala ngimangele kwaze kwaba sesikhathini somnikelo wakusihlwa.
Kwathi lapho ngizwa lawo mazwi , ngahlala phansi, ngakhala izinyembezi, ngalila izinsuku ezithile, ngazila ukudla, ngakhuleka phambi kukaNkulunkulu wezulu,
Njengomapula phakathi kwemithi yasehlathini , unjalo othandiweyo wami phakathi kwamadodana . Ngahlala phansi emthunzini wakhe ngokwenama okukhulu, nesithelo sakhe sasimnandi emlonyeni wami.
Angihlalanga emhlanganweni wabahlekayo , angithokozanga; ngahlala ngedwa ngenxa yesandla sakho, ngokuba ungigcwalisile ngokufutheka.
Ngafika kubathunjwa ngaseTheli Abibi ababehlezi ngasemfuleni iKhebari , lapho babehlala khona ; ngahlala kho na phakathi kwabo izinsuku eziyisikhombisa ngimangele.
Ngakho sebebuthene lapha , angilibalanga; ngangomuso ngahlala esihlalweni sokwahlulela, ngayala ukuba leyo ndoda ilethwe;