Umukhwe kaMose esebona konke abenzela khona abantu , wathi: Kuyini lokhu obenzela khona bantu na ? Uhlalelani wedwa , abantu bonke bemi ngakuwe kusukela ekuseni kuze kuhlwe na?
USamuweli wathi kumpheki: Letha isabelo engakunika sona en gasho kuwe ngaso ukuthi: Sibeke ngakuwe.
Besaba nokwesaba , lapho kungekho okwesabisayo ; ngokuba uNkulunkulu wasakaza amathambo akhe owamisa ngakuwe ; wena ubajabhisile, ngokuba uNkulunkulu ubalahlile.
ngalokho bheka, ngiyakubutha zonke izithandwa zakho ozenamisile nazo , nazo zonke ozithandileyo , nazo zonke ozizondileyo , ngizibuthe ngakuwe zivela nxazonke , ngizambulele ubunqunu bakho ukuba zibone bonke ubunqunu bakho.
Uyakubulala amadodakazi akho endle ngenkemba , enze inqaba ngakuwe , akunqwabele iduli, akumisele ihawu.