Skip to Content

"ngakuye"

15 occurrences in ZUL

Kepha yena wabuya endaweni yezithombe ezibaziweyo engaseGiligali , wathi: Nginendaba eyisifuba kuwe nkosi. Wathi: Thulani. Base bephuma bonke ababemi ngakuye.

UJowashi wathi kubo bonke ababemi ngakuye : Niyakumlwela uBali , nimsindise yena, na? Oyakumlwela uBali, makabulawe kusasa ekuseni ; uma engunkulunkulu, makazilwele yena , lokhu kukhona olibhidlizile i -altare lakhe.

AmaFilisti awuthatha umphongolo kaNkulunkulu , awungenisa endlini kaDagoni, awubeka ngakuye uDagoni.

USawule wezwa ukuthi uDavide uyaziwa nabantu ababe naye ; uSawule wayehlezi eGibeya phansi komtamariske egqumeni ephethe umkhonto esandleni sakhe, zonke izinceku zimi ngakuye.

USawule wathi ezincekwini zakhe ezazimi ngakuye : Yizwani nina bakwaBenjamini; indodana kaJese iyakuninika nonke amasimu nezivini , inenze nonke nibe yizinduna zezinkulungwane nezinduna zamakhulu,

UDavide wasuka , weza endaweni uSawule amise kuyo ; uDavide wabona indawo uSawule ahlala kuyo , eno-Abineri indodana kaNeri , induna yempi yakhe; uSawule wayelele ezinqoleni, abantu bemise ngakuye nxazonke.

ODavide no -Abishayi bafika kubantu ebusuku ; bheka, uSawule wayelele ubuthongo ezinqoleni , umkhonto wakhe ugxunyekiwe emhlabathini ngasekhanda lakhe; u-Abineri nabantu bakhe babelele ngakuye nxazonke.

Ngase ngima ngakuye , ngambulala, ngokuba ngakwazi ukuthi angephile esewile, ngathatha umqhele owawusekhanda lakhe , nesongo elalisengalweni yakhe, ngikulethile lapha enkosini yami.

Kwema ngakuye enye yezinsizwa zikaJowabe, yathi: Omthanda uJowabe nongokaDavide mabamlandele uJowabe.

U-Amasa wahuquzela egazini lakhe phakathi nomendo . Lapho lo muntu ebona ukuthi bonke abantu bema , wamgudluza u -Amasa emendweni , wamyisa ensimini , waphonsa ingubo phezu kwakhe , lapho ebona ukuthi bonke abadlula ngakuye bema.

UMikhaya wathi : Ngalokho yizwa izwi likaJehova lokuthi : Ngambona uJehova ehlezi esihlalweni sakhe sobukhosi , nebandla lonke lasezulwini limi ngakuye ngakwesokunene sakhe nangakwesokhohlo sakhe.

Bheka, uyasakaza ukukhanya kwakhe ngakuye ; uyasibekela ubuphansi bolwandle.

Ubeka isandla ngakuye ohlalisene kahle naye ; udumazile isivumelwano sakhe.

Ngalokho bhekani, ngiyakuvimbela indlela yakho ngameva , ngakhe ugange ngakuye, ukuze angafumani imikhondo yakhe.

Ngobusuku obu landelayo iNkosi yema ngakuye , yathi: Yima isibindi ; njengalokho ufakaze ngami eJerusalema , ngokunjalo umelwe ukufakaza naseRoma. Icebo labaJuda lokumbulala uPawulu