Ngase ngima ngakuye , ngambulala, ngokuba ngakwazi ukuthi angephile esewile, ngathatha umqhele owawusekhanda lakhe , nesongo elalisengalweni yakhe, ngikulethile lapha enkosini yami.
Ngingakakubumbi esiswini ngakwazi ; ungakaphumi esizalweni ngakungcwelisa, ngakubeka umprofethi ezizweni.
UJehova wangazisa, ngakwazi; khona wangibonisa izenzo zabo.
Mina ngakwazi ehlane ezweni lokoma.