Usho kanje uJehova ngalaba bantu , uthi: Bathanda ukuzula kanjalo , abazibambi izinyawo zabo ; uJehova akathokozi ngabo ; manje uyakubukhumbula ububi babo, azihambele izono zabo.
Mhlawumbe ukunxusa kwabo kuyakufika phambi kukaJehova, babuye, kube yilowo nalowo endleleni yakhe embi , ngokuba inkulu intukuthel o nokufutheka akukhulumileyo uJehova ngalaba bantu.