Skip to Content

"ngalesi"

32 occurrences in ZUL

Kepha ngiyakumisa isivumelwano sami no -Isaka azakukuzalela yena uSara ngalesi sikhathi ngomnyaka ozayo.

Wayesethi: Impela ngiyakubuyela kuwe emva komnyaka ngalesi sikhathi ; bheka, khona umkakho uSara uyakuba nendodana . USara wakuzwa lokhu esemnyango wetende ongasemva kwakhe.

Kukhona into emahlula uJehova na ? Ngalesi sikhathi emva komnyaka ngiyakubuyela kuwe, uSara abe nendodana.

Wabuye wakhulelwa , wazala indodana , wathi: Manje ngalesi sikhathi umyeni wami uyakunamathela kimi , ngokuba ngimzalele amadodana amathathu, ngalokho waqamba igama layo ngokuthi uLevi.

Niyakukhuluma nithi : Futhi bheka , inceku yakho uJakobe iyeza , isemva kwethu. Ngokuba wathi : Ngizakumthoba ngalesi sipho esihamba pha mbi kwami, andukuba ngibone ubuso bakhe; mhlawumbe angangamukela.

Bheka, kusasa ngalesi sikhathi ngiya kuwisa isichotho esinzima kakhulu , esingazange sibe khona esingaka eGibithe, selokhu lakhiwa kuze kube manje.

Ngalokho ake nithethelele isono sami ngalesi sikhathi esisodwa nje , nincenge uJehova uNkulunkulu wenu ukuba asuse kimi lokhu kufa kuphela.

UJehova wathi kuJoshuwa : Ungesabi ngenxa yabo , ngokuba kusasa ngalesi sikhathi ngizakubanikela bonke bebulewe ngaphambi kuka -Israyeli; wena uyakunquma amahhashi abo imisipha, uzishise izinqola zabo ngomlilo.

ekungeneni kwenu emzini niyakumfumana , engakenyukeli endaweni ephakemeyo ukuyokudla ; ngokuba abantu abayikudla engakafiki , lokhu nguye obusisa umhlatshelo , andukuba abamenyi weyo badle . Ngalokho-ke, khuphukani manje, ngokuba niyakumfumana ngalesi sikhathi.

Kusasa ngalesi sikhath i ngiyakuthuma kuwe umuntu wasezweni lakwaBenjamini; uyakumgcoba abe ngumholi wabantu bami u -Israyeli, asindise abantu bami esandleni samaFilisti , ngokuba ngibonile abantu bami , lokhu ukukhala kwabo kufikile kimi.

UJonathani wathi kuDavide : Jehova Nkulunkulu ka -Israyeli, nxa ngimphenya ubaba ngalesi sikhathi kusasa noma ngomhlomunye, bheka, uma kukuhle kuDavide, ngiyakuthumela kuwe, ngikwambulele kuwe.

UDavide walila ngalesi sililo ngoSawule noJonathani indodana yakhe,

U-Izebeli wayesethuma isithunywa ku -Eliya ngokuthi : Mabenze njalo kimi onkulunkulu, benezele futhi , uma ngingakwenzi wena ube njengomunye wabo ngalesi sikhathi kusasa.

kepha ngalesi sikhathi kusasa ngiyakuthuma izinceku zami kuwe , ziyalule indlu yakho nezindlu zezinceku zakho ; kuyakuthi konke okuhl e emehlweni akho zikufake esandleni sazo, zikususe.

UBeni Hadadi wayesethi kuye : Imizi ubaba ayithatha kuyihlo ngiyakuyibuyisa, uzenzele izitaladi eDamaseku njengokwenza kukababa eSamariya. U-Ahabi wathi : Ngalesi sivumelwano ngiyakukuvumela ukuba uhambe. Wayesenza isivumelwano naye, wamvumela ukuba ahambe. U-Ahabi usolwa ngumprofethi

Wathi: Ngalesi sikhathi ngomnyaka ozayo uyakusingatha indodana. Wathi: Hhayi, nkosi, wena muntu kaNkulunkulu , ungaqambi amanga encekukazini yakho.

Wayesethi u -Elisha: Zwanini izwi likaJ ehova; usho kanje uJehova , uthi: Kusasa ngalesi sikhathi iseya lempuphu ecolekileyo liyakuthengiswa ngeshekeli, namaseya amabili ebhali ngeshekeli esangweni laseSamariya.

Kwathi lowo muntu kaNkulunkulu esekhulumile enkosini ngok uthi: Kuyakuba ngamaseya amabili ebhali ngeshekeli neseya lempuphu ecolekileyo ngeshekeli ngalesi sikhathi kusasa esangweni laseSamariya,

Wayeseloba incwadi yesibili kubo , ethi: Uma ninami , nilalela izwi lami , thathani amakhanda alaba bantu , amadodana enkosi yenu , nize kimi eJizreyeli ngalesi sikhathi kusasa . Amadodana en kosi engabantu abangamashumi ayisikhombisa ayekwabakhulu bomuzi ababewondla.

ukuba indlebe yakho ilalele, namehlo akho avuleke, ukuze uzwe umkhuleko wenceku yakho engiwukhuleka phambi kwakho ngalesi sikhathi imini nobusuku ngenxa yabantwana bakwa-Israyeli izinceku zakho, lapho ngivuma izono zabantwana bakwa -Israyeli esone ngazo kuwe ; yebo, nami nendlu kababa sonile.

Ngokuba uma uthula nokuthula ngalesi sikhathi, ukukhululwa nokophulwa kwabaJuda kuyakuvela kwenye indawo , wena nendlu kayihlo nibhubhe . Ngubani okwaziyo , uma ungafikanga embusweni ngenxa yesikhathi esinjengalesi na?

Ngabona ukuthi noma ngangimlahlile u -Israyeli ohlehlayo ngalesi sizathu sokuthi uphingile, ngamnika incwadi yesahlukaniso, udadewabo okhohlisayo, uJuda, akesabanga nokho, kepha waya wafeba naye,

Ngalokho bheka , ngiyakubazisa, ngibazise ngalesi sikhath i isandla sami namandla ami, baze bazi ukuthi igama lami linguJehova.

Bonke abalinganisa ngezaga bayakulinganisa ngalesi kuwe , bathi: Njengonina, injalo indodakazi.

Kuyini kini ukuba nilinganise ngalesi saga ezweni lakwa-Israyeli sokuthi: Oyise badlile izithelo zomvini ezimuncu, amazinyo abantwana aba bushelezi, na?

Kuphila kwami, isho iNkosi uJehova, akusayikubakho ukulinganisa ngalesi saga kwa-Israyeli.

Khona labo ababebuthene bambuza bathi: Nkosi, usawubuyisela umbuso ku- Israyeli ngalesi sikhathi na?

Ngokuba-ke sisengozini yokumangalelwa ngomsindo wanamuhla , lokhu kungekho sizathu esingazilandulela ngaso ngalesi siwiliwili.

Ngokuba lingelesithembiso l eli zwi lokuthi : Ngalesi sikhathi ngizakufika ; khona uSara uzakuba nendodana.

ukuze kuthi ngalesi sikhathi inala yenu isize bona ekusweleni kwabo ukuba nenala yabo isize nina ekusweleni kwenu, kube khona ukulingana,

sigwemele lokhu ukuthi kungaba khona osisolayo ngalesi sipho esikhulu esisetshenzwe yithi;

Lokho engikushoyo ngalesi sibindi sokuzibonga , angikusho ngokweNkosi , kodwa ngikusho kungathi ngobuwula.