Ngokuba isikhathi esidlulileyo sasanele ukwenza okuth andwa ngabezizwe ngokuhamba ngamanyala , nangezinkanuko, nangokudakwa, nangokuminza, nangokuxokozela, nangokukhonza izithombe okuyichilo.
noLoti olungileyo, ehlushwa ngukuhamba ngamanyala kwabangenamthetho, wamhlangulisa --
Ngokuba sebengenile ngokunyenya abantu abathile okwalotshwa ngabo phambili endulo ukuthi bayakwehlelwa y ilokhu kulahlwa , abangamesabi uNkulunkulu, bephendukezela umusa kaNkulunkulu wethu ube ngamanyala , bephika uMbusi oyedwa neNkosi yethu uJesu Kristu.