Skip to Content

"ngamanzi"

63 occurrences in ZUL

Ngizakumisa isivumelwano sami nawe ; akusayikubhujiswa nyama ngamanzi kazamcolo; akasayikuza uzamcolo ukuba achithe umhlaba.

UNkulunkulu wavula amehlo akhe , wabona umthombo wamanzi , waya, wagcwalisa imvaba ngamanzi, wamphuzisa umfana.

Ningalidli liseluhlaza, noma liphekwe nokuphekwa ngamanzi , kepha losiwe ngomlilo, ikhanda lalo kanye nemilenze yalo nezibilini zalo.

usondeze u-Aroni namadodana akhe ngasemnyango wetende lokuhla ngana, ubageze ngamanzi.

Nxa bengena etendeni lokuhlangana, bayakugeza ngamanzi ukuba bangafi, noma besondela e -altare ukuyokhonza , bawushise umnikelo womlilo kuJehova;

Ulethe u -Aroni namadodana akhe emnyango wetende lokuhlangana , ubageze ngamanzi.

ahlanze izibilini zalo namanqina alo ngamanzi , umpristi akushise konke e - altare, kube ngumnikelo wokushiswa , umnikelo womlilo , ube yiphunga elimnandi kuJehova.

ahlanze izibilini zalo namanqina alo ngamanzi , umpristi anikele ngakho konke, akushise e -altare kube ngumnikelo wokushiswa , umnikelo womlilo , ube yiphunga elimnandi kuJehova.

Kepha isitsha sebumba okuphekelwe kuso masaphulwe , kodwa uma kuphekelwa esitsheni sethusi, siyakuphucuzwa, sihashazwe ngamanzi.

UMose waletha u-Aroni namadodana akhe, wabageza ngamanzi.

Wahlanza izibilini namanqina ngamanzi ; uMose washisa yonke inqama e - altare; yayingumnikelo wokushiswa , waba yiphunga elimn andi, umnikelo womlilo kuJehova, njengalokho uJehova emyalile uMose.

Oyakuhlanjululwa makahlanze izingubo zakhe , aphucule zonke izinwele zakhe, ageze ngamanzi , ahlambuluke; emva kwalokho uyakungena ekamu , kepha ahlale ngaphandle kwetende lakhe izinsuku eziyisikhombisa.

Kuyakuthi ngosuku lwesikhombisa aphucule zonke izinwele zekhanda lakhe nesilevu sakhe namashiya akhe , yebo, aphucule zonke izinwele zakhe , ahlanze izingubo zakhe, ageze umzimba wakhe ngamanzi, ahlambuluke.

Yilowo nalowo othinta umbhede wakhe uyakuhlanza izingubo zakhe , ageze ngamanzi, abe ngongcolile kuze kuhlwe.

Ohlala entweni ahlale kuyo ocucuzayo uyakuhlanza izingubo zakhe , ageze ngamanzi, abe ngongcolile kuze kuhlwe.

Othinta inyama yocucuzayo uyakuhlanza izingubo zakhe , ageze ngamanzi, abe ngongcolile kuze kuhlwe.

Uma ocucuzayo emfela ngamathe ohlambulukileyo , yena uyakuhlanza izingubo zakhe, ageze ngamanzi, abe ngongcolile kuze kuhlwe.

Bonke abathinta into eyayiphansi kwakhe bayakuba ngabangcolile kuze kuhlwe, nalowo othwala lezo zinto uyakuhlanza izingubo zakhe , ageze ngamanzi, abe ngongcolile kuze kuhlwe.

Nalowo ocucuzayo amthinta, engahashazanga izandla zakhe ngamanzi , uyakuhlanza izingubo zakhe, ageze ngamanzi, abe ngongcolile kuze kuhlwe.

Isitsha sebumba asithinta ocucuzayo siyakwaphulwa , nazo zonke izitsha zomuthi ziyakuhashazwa ngamanzi.

Nxa ocucuzayo ehlambulukile ekucucuzeni kwakhe, uyakuzibalela izinsuku eziyisikhombisa zokuhlanjululwa kwakhe , ahlanze izingubo zakhe , ageze umzimba wakhe ngamanzi agobhozayo, ahlambuluke.

Nxa umunt u eshaywa yizibuko , uyakugeza wonke umzimba wakhe ngamanzi, abe ngongcolile kuze kuhlwe.

Zonke izingubo nazo zonke izikhumba elikuzo izibuko lakhe ziyakuhlanzwa ngamanzi, zibe ngezingcolile kuze kuhlwe.

Nowesifazane elale naye indoda, imlalile yamthela ngamalotha, bayakugeza bobabili ngamanzi, babe ngabangcolile kuze kuhlwe.

Yilowo nalowo othinta umbhede wakhe uyakuhlanza izingubo zakhe, ageze ngamanzi, abe ngongcolile kuze kuhlwe.

Yilowo nalowo othinta noma intoni ahlala kuyo uyakuhlanza izingubo zakhe, ageze ngamanzi, abe ngongcolile kuze kuhlwe.

Yilowo nalowo othinta lezo zinto uyakuba ngongcolile , ahlanze izingubo zakhe, ageze ngamanzi, abe ngongcolile kuze kuhlwe.

embathe ibhantshi elingcwele lelineni , abe nebhulukwe lelineni emzimbeni wakhe, abhince ibhande lelineni , afake isigqoko selineni ; lezi ziyizambatho ezingcwele; uyakugeza umzimba wakhe ngamanzi, azembathe.

Uyakugeza umzimba wakhe ngamanzi enda weni engcwele , agqoke izambatho zakhe , aphume, anikele ngomnikelo wakhe wokushiswa nangomnikelo wokushiswa wabantu, azenzele yena nabantu ukubuyisana.

Ovuma ukuba impongo iye ku -Azazeli uyakuhlanza izingub o zakhe, ageze umzimba wakhe ngamanzi, andukuba angene ekamu.

Ozishisayo wohlanza izingubo zakhe , ageze umzimba wakhe ngamanzi , andukuba angene ekamu.

Yilowo nalowo odla ingcuba noma lokho okudweshulwe yizilo , noma engowokuzalwa ekhaya noma engumfokazi , makahlanze izingubo zakhe , ageze ngamanzi, abe ngongcolile kuze kuhlwe; khona uyakuhlambuluka.

umuntu othinta okunjalo uyakuba ngongcolile kuze kuhlwe, angazidli izinto ezingcwele, uma engagezi umzimba wakhe ngamanzi.

Umpristi uyakubala lezi ziqalekiso encwadini, azesule ngamanzi ababayo,

Umpristi useyakuhlanza izingubo zakhe , ageze umzimba wakhe ngamanzi, andukuba angene ekamu, umpristi abe ngongcolile kuze kuhlwe.

Osishisayo uyakuhlanza izingubo zakhe ngamanzi , ageze umzimba wakhe ngamanzi, abe ngongcolile kuze kuhlwe.

Umuntu ohlambulukileyo uyakubutha umlotha wesithole , awubekele ngaphandle kwekamu endaweni ehlambulukileyo , ugcinelwe inhlangano yabantwana bakwa -Israyeli kube ngamanzi okuphothula ; kungumnikelo wesono.

umuntu ohlambulukileyo amfafaze ongcolileyo ngosuku lwesithathu nangosuku lwesikhombisa , amphothule ngos uku lwesikhombisa , ahlanze izingubo zakhe, ageze ngamanzi, ahlambuluke ngakusihlwa.

konke okungahlala emlilweni, niyakukudabulisa emlilweni, kuhlambuluke; kodwa kuyakuhlanjululwa ngamanzi okup hothula, kepha konke okungenakuhlala emlilweni niyakukudabulisa emanzini.

kepha ngakusihlwa uyakugeza ngamanzi , nanxa selishonile ilanga, uyakungena ekamu.

Wathi: Gcwalisani izimbiza ezine ngamanzi, niwathele emnikelweni wokushiswa naphezu kwezinkuni. Wathi: Kwenzeni ngokwesibili. Wayesethi: Kwenzeni nangokwesithathu. Baphinda ngokwesithathu.

Amanzi agobhoza ngase-altare nxazonke; wagcwalisa nomsele ngamanzi.

Noma ngizigeza ngamanzi eqhwa, ngihlambe izandla zami ngensipho,

indawo yabafileyo, nesizalo esiyinyumba, nomhlaba ongasuthi ngamanzi , nomlilo ongasho ukuthi: Kwanele!

Yini ukuba ubuhlungu bam i bube khona n jalonjalo, nesilonda sami singapholiswa, sala ukuphulukiswa, na? Impela uyakuba ngamanzi aphuthayo kimi, amanzi angathembekile, na?

Ekuzalweni kwakho inkaba yakho ayinqunywanga ngosuku lokuzalwa kwakho, awugezwanga ngamanzi ukuba uhlambuluke , awuhlikihlwanga nakanye ngosawoti, awusongwanga nokusongwa.

Ngakugeza ngamanzi , ngahlanzisisa igazi lakho kuwe , ngakugcoba ngamafutha.

Ngalokho isiqu sawo sasiphakeme kunayo yonke imithi yasendle ; izingatsha zawo zandiswa , namagatsha awo elulw a ngamanzi amaningi ekuwaxhantiseni kwawo.

Ngiyakunifafaza ngamanzi ahlambulukileyo , nihlambuluke, nginihlambulule kukho konke ukungcola kwenu nakuzo zon ke izithombe zenu.

Umuhle wena kuneNo Amoni elaliphakathi kwemifula , elalizungezwe ngamanzi, elilugange lwalo lwalululwandle, nelidonga lwalo lungamanzi, na?

Mina nginibhapathiza ngamanzi , kube ngukuphenduka ; kepha yena oza emva kwami unamandla kunami engingafanele ukuthwala izicathulo zakhe ; yena uzakunibhapathiza ngoMoya oNgcwele nangomlilo,

Mina nginibhapathize ngamanzi , kepha yena uzakunibhapathiza ngoMoya oNgcwele. Ukubhapathizwa kukaJesu. Ulingwa nguSathane (Math. 3:13; Luk. 3:21; Math. 4:1; Luk. 4:1)

uJohane waphendula , wathi kubo bonke : Mina kambe nginibhapathiza ngamanzi, kepha uyeza onamandla kunami engingafanele ukuthukulula umchilo wezicathulo zakhe ; yena uzakunibhapathiza ngoMoya oNgcwele nangomlilo;

UJohane wabaphendula wathi : Mina ngibhapathiza ngamanzi ; umi phakathi kwenu eningamaziyo:

Nami bengingamazi ; kodwa ukuze abonakaliswe ku -Israyeli, ngalokho ngizile ngibhapathiza ngamanzi.

Nami bengingamazi, kodwa owangithuma ukubhapathiza ngamanzi wathi kimi: Lowo oyakubona uMoya ehla ahlale phezu kwakhe , nguyena obhapathiza ngoMoya oNgcwele.

UJesu wathi ezincekwini: Gcwalisani izimbiza ngamanzi; zazigcwalisa-ke.

Waphendula uJesu, wathi: Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: Uma umuntu engazalwa ngamanzi nangoMoya, angengene embusweni kaNkulunkulu.

Ngokuba uJohane wayebhapathiza ngamanzi , kepha nina nizakubhapathizwa ngoMoya oNgcwele kungakadluli izinsuku eziningi.

Ngalikhumbula-ke izwi leNkosi, njengalokho yathi: UJohane wabhapathiza ngamanzi, kodwa nina nizakubhapathizwa ngoMoya oNgcwele.

masisondele ngenhliziyo eqinisileyo ngokwethemba okupheleleyo kokukholwa, zifafaziwe izinhliziyo zethu kungasekho valo lokubi , umzimba wethu ugeziwe ngamanzi acwebileyo;

Nguye lo oweza ngamanzi nangegazi , uJesu Kristu, kungengamanzi odwa kodwa ngamanzi nangegazi ; noMoya ungofakazayo , ngokuba uMoya uyiqiniso.

Igama lenkanyezi lithiwa uMhlonyane . Okwesithathu kwamanzi kwaba ngumhlonyane, nabaningi kubantu bafa ngamanzi, ngokuba enziwa ababa.