Kwawa abantu bakwaBenjamini abayizinkulungwane eziyishumi nesishiyagalombili; bonke labo babe ngamaqhawe.
Bonke abawa ngalolo suku kwaBenjamini babe ngabantu abayizinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu abahlome inkemba ; bonke labo babe ngamaqhawe.
U-Abisalomu wayala izinceku zak he ngokuthi: Bhekani, lapho inhliziyo ka- Amnoni ithokoza ngewayini nalapho ngithi kini : Bulalani u -Amnoni, nimbulale ningesabi ; angithi mina nginiyalile na ? Yimani isibindi , nibe ngamaqhawe.
Bamsiza uDavide eviyweni, ngokuba babe ngamaqhawe anamandla bonke, beyizinduna zempi.
U-Asa wayenempi ephethe izihlangu nemikhonto , evela kwaJuda , iyizinkulungwane ezingamakhulu amathathu, nevela kwaBenjamini, ephethe amahawu nensala iminsalo , iyizinkulungwane ezingamakhulu amabili namashumi ayisishiyagalombili; bonke labo babe ngamaqhawe anamandla.
Ngabuye ngabona phansi kwelang a ukuthi ukujaha akuyi ngabanejubane , nokulwa ngamaqhawe , nesinkwa ngabahlakaniphileyo , nengcebo ngabaqondileyo, nomusa ngabanokwazi , ngokuba bonke bahlangabezana nesikhathi nethuba.