Konke lokho kwakhiwa ngamatshe anenani elikhulu , amatshe abaziwe ngezilinganiso, asahwe ngamasaha , ngaphakathi nangaphan dle, kusukela esisekelweni kuze kufike phezulu , nangaphandle kuze kube segcekeni elikhulu.
Wakhipha nabantu ababe phakathi kwawo , wabanquma ngamasaha , nangezibhuqo zensimbi , nangamazembe; wenze njalo uDavide kuyo yonke imizi yabantwana bakwa -Amoni. UDavide nabo bonke abantu babuyela eJerusalema.