"ngamatshe"
72 occurrences in ZUL
Base bethi omunye komunye : Wozani, ake senze izitini , sizishisise. Izitini zaba ngamatshe abo, nebitume laba ludaka lwabo.
Wayesethi uMose : Akufanele ukwenze njalo , ngokuba siyakuhlabela uJehova uNkulunkulu wethu lokhu okunengeka kwabaseGibithe ; bheka, singahlaba okunengeka kwabaseGibithe emehlweni abo , bangasikhandi ngamatshe, na?
UMose wayesekhala kuJehova , ethi: Ngizakwenzani kulaba bantu na ? Sekukancane ukuba bangikhande ngamatshe.
makangaphathwa ngesandla , kepha impela uyakukhandwa ngamatshe nokuba ahlatshwe ngemicibisholo ; noma kuyinkomo noma kungumuntu , akuyikuphila. Nxa icilongo likhala linganqamuki , bayakukhuphukela entabeni.
Uma ungenzela i -altare nga matshe, awuyikulakha ngamatshe abaziweyo , ngokuba uma uphakamisela kulo ingwedo yakho, ulingcolisile.
Uma inkabi iqhubukusha owesilisa noma owesifazane baze bafe , inkabi yokhandwa ngamatshe impela , inyama yayo ingadliwa ; kepha umnininkabi uyakuyekelwa.
Uma inkabi iqhubukusha isigqila noma isigqilakazi , uyakunika inkosi yaso amashekeli angamashumi amathathu esiliva, inkabi ikhandwe ngamatshe.
Bambona uNkulunkulu ka-Israyeli; phansi kwezinyawo zakhe kwakungathi kugandayiwe ngamatshe amasafire, kungathi yizulu uqobo ngokucweba.
Wobeka amatshe omabili ezizibeni zombili zengubo yamahlombe , abe ngamatshe esikhumbuzo sabantwana bakwa -Israyeli; u-Aroni uyakuphatha amagama abo emahlombe akhe omabili phambi kukaJehova kube yisikhumbuzo.
Wawabeka ezizibeni zengubo yamahlombe , abe ngamatshe esikhumbuzo sabantwana bakwa-Israyeli, njengalokho uJehova emyalile uMose.
Futhi uyakusho kubantwana bakwa -Israyeli, uthi: Yilowo nalowo wabantwana bakwa-Israyeli, noma owabafokazi abagogobeleyo kwa -Israyeli, onikela ngenzalo yakhe kuMoloki, wobulawa nokubulawa, abantu balelo zwe bamkhande ngamatshe.
Owesilisa noma owesifazane , elikubo idlozi, noma umthakathi bobulawa nokubulawa, bakhandwe ngamatshe, igazi labo libe phezu kwabo.
Mkhiphele ngaphandle kwekamu lowo othukile; bonke abamuzwa mababeke izandla zabo ekhanda lakhe , inhlangano yonke imkhande ngamatshe.
Ohlambalaza igama likaJehova wobulawa n okubulawa, yonke inhlangano imkhande nokumkhanda ngamatshe ; umfokazi noma owokuzalwa ekhaya , nxa ehlambalaza igama likaJehova, wobulawa. Imithetho yezijeziso
UMose wakhuluma-ke kubantwana bakwa-Israyeli; bamkhiphela othukileyo ngaphandle kwekamu , bamkhanda ngamatshe . Abantwana bakwa -Israyeli benza njengalokho uJehova emyalile uMose.
Kepha inhlangano yonke yathi mabakhandwe ngamatshe . Inkazimulo kaJehova yabonakala etendeni lokuhlangana kubo bonke abantwana bakwa - Israyeli. Intukuthelo kaJehova. Isijeziso sabakwa-Israyeli
Ngokuba udelele izwi likaJehova, nomyalo wakhe uwaphulile; lowo muntu uyakunqunywa impela, ububi bakhe bube phezu kwakhe. Ukukhandwa ngamatshe kowaphulile umyalelo wesabatha
UJehova wathi kuMose : Lowo muntu wobulawa nokubulawa ; yonke inhlangano iyakumkhanda ngamatshe ngaphandle kwekamu.
Yonke inhlangano yamkhiphela ngaphandle kwekamu , yamkhanda ngamatshe, wafa, njengalokho uJehova emyalile uMose. Isimiso sezinsephe ezingutsheni zabakwa-Israyeli
Uyakumkhanda ngamatshe ukuba afe , ngokuba uzamile ukukuhlubukisa uJehova uNkulunkulu wakho owakukhipha ezweni laseGibithe , indlu yobugqila.
uyakukhiphela lowo wesilisa noma lowo wesifazane owenze leyo nto embi emasangweni akho , lowo wesilisa noma lowo wesifazane umkhande ngamatshe ukuba afe.
Onke amadoda omuzi wakubo ayakumkhanda ngamatshe aze afe ; kanjalo uyakukhipha ububi phakathi kwakho, wonke u-Israyeli ezwe, esabe. Umthetho womuntu ophanyekwayo
bayakuyikhiphela intombi ngasemnyango wendlu kayise , amadoda omuzi ayikhande ngamatshe ize ife , ngokuba yenzile ubuwula kwa -Israyeli, ifeba endlini kayise; kanjalo uyakukhipha ububi phakathi kwakho.
niyakubakhiphela bobabili ngasesangweni lalowo muzi , nibakhande ngamatshe baze bafe , intombi, ngokuba ayikhalanga ingani isemzini , nendoda, ngokuba imonile umkamakhelwane wakhe ; kanjalo uyakukhipha ububi phakathi kwakho.
Uyakwakha i-altare likaJehova uNkulunkulu wakho ngamatshe apheleleyo , unikele kulo ngeminikelo yokushiswa kuJehova uNkulunkulu wakho,
UJoshuwa wayesethi: Usihlupheleni na? UJehova uzakukuhlupha namuhla. Bonke abakwa -Israyeli bamkhanda ngamatshe ; babashisa ngomlilo , babakhanda ngamatshe.
UDavide wayehlupheka kakhulu , ngokuba abantu bekhuluma ngokumkhanda ngamatshe , lokhu izinhliziyo zabo bonke abantu zazinomunyu, kwaba yilowo nalowo ngenxa yamadodana akhe namadodakazi akhe ; kepha uDavide waziqinisa kuJehova uNkulunkulu wakhe.
Wamphonsa uDavide ngamatshe kanye nezinceku zonke zenko si uDavide , bonke abantu nawo onke amaqhawe bengasesandleni sakhe sokunene nangakwesokhohlo.
UDavide nabantu bakhe bahamba ngendlela ; uShimeyi wahamba eceleni kwentaba malungana naye , wahamba ethuka , wamphonsa ngamatshe , wamthela ngothuli. OHushayi no-Ahithofeli
Inkosi yayala , baqopha amatshe amakhulu , amatshe anenani elikhulu , ukuba babeke isisekelo sendlu ngamatshe abaziweyo.
Indlu isakhiwa yakhiwa ngamatshe alungiswa enkwalini ; akuzwakalanga sando nazembe naphiki nanto yensimbi, isakhiwa.
Konke lokho kwakhiwa ngamatshe anenani elikhulu , amatshe abaziwe ngezilinganiso, asahwe ngamasaha , ngaphakathi nangaphan dle, kusukela esisekelweni kuze kufike phezulu , nangaphandle kuze kube segcekeni elikhulu.
Inkosi uReho bowamu yathuma u-Adoramu owayephezu kwezisebenzi ; u- Israyeli wonke wamkhanda ngamatshe, wafa. Inkosi uRehobowamu yashesha ukukhwela inqola yayo ukuba ibalekele eJerusalema.
Wakha i-altare ngamatshe egameni likaJehova , wenza umsele ngase -altare nxazonke olingene namaseya amabili embewu.
nibeke amadoda amabili , abantu ababi , phambi kwakhe , afakaze ngaye ngokuthi: U thukile uNkulunkulu nenkosi , bese nimkh iphela ngaphandle , nimkhande ngamatshe, afe.
Lawo madoda amabili , abantu ababi , angena, ahlala phambi kwakhe ; bafakaza labo bantu ababi ngaye, bathi: Yena uNaboti uthukile uNkulunkulu nenkosi. Base bemkhiphela ngaphandle komuzi , bamkhanda ngamatshe , wafa.
Kwathi u-Izebeli esezwile ukuthi uNaboti ukhandiwe ngamatshe, wafa, u- Izebeli wathi ku -Ahabi: Suka udle isivini sikaNaboti waseJizreyeli , enqaba ukukunika sona ngesiliva, ngokuba uNaboti kasekho, ufile.
Niyakuchitha yonke imizi ebiyelweyo nayo yonke imizi ekhethekileyo ; niyakuwisa yonke imithi emihle, nivimbe yonke imithom bo yamanzi , none zonke iziqephu zomhlaba ngamatshe.
nabakha ngamatshe , nababaza amatshe , nokuthenga imithi namatshe abaziweyo ukulungisa izimfa zendlu kaJehova , yebo, konke okwakhishelwa indlu ukuyilungisa.
Inkosi u -Ahazi yanquma izindini zezinqe , yasusa kuzo umcengezi wokugeza, yehlisa ulwandle ezinkabini zethusi ezaziphansi kwawo , yawubeka endaweni egandayiwe ngamatshe.
Lapho a bantwana bakwa -Israyeli bebona ukwehla komlilo , nenkazimulo kaJehova iphezu kwendlu , bakhothama phansi ngobuso phezu kwendawo egandaywe ngamatshe , bakhuleka, babonga uJehova , ngokuba muhle nangokuba umusa wakhe umi phakade.
Inkosi uRehobowamu yathuma u -Adoramu owayephezu kwezisebenzi ; abantwana bakwa -Israyeli bamkhanda ngamatshe, wafa. Inkosi uRehobowamu yashesha ukukhwela inqola yayo ukuba ibalekele eJerusalema.
Makwazeke enkosini ukuthi saya ezweni lakwaJuda endlini kaNkulun kulu omkhulu eyakhiwe ngamatshe amakhulu , imithi ifakwe ezindongeni ; lo msebenzi uqhubeka ngesineke, unempumelelo ezandleni zabo.
Kwakukhona izilenge ezimhlophe neziluhlaza , ziboshelwe ngezintambo zelineni elicolekileyo nezibubende emasongweni esiliva nasezinsiken i zamatshe amhlophe ; imibhede yayiyigolide nesiliva phezu kwendawo egandaywe ngamatshe abomvu, nangamaparele, nangamatshe amnyama.
Izitini ziwile , kepha siyakwakha ngamatshe abaziweyo ; imithombe igawuliwe, kepha siyakutshala imisedari ezikhundleni zayo.
Ngiyakwenza imibhoshongo yakho ngamarubi , namasango akho ngekristalo, nayo yonke imikhawulo yakho ngamatshe amahle.
Isixuku siyakubakhanda ngamatshe sibahlahlele ngezinkemba zaso, sibulale amadodana abo namadodakazi abo, sishise izindlu zabo ngomlilo.
Ngalokho, ngokuba ninyathela abampofu, namukele kuye isipho samabele, noma nakha izindlu ngamatshe abaziwey o aniyikuhlala kuzo , nokuba nitshala izivini ezinhle aniyikuphuza iwayini lazo.
Jerusalema, Jerusalema, wena obulala abaprofethi nokhanda ngamatshe abathunyelwe kuwe, kukangaki ngithanda ukubuthela ndawonye abantwana bakho njengesikhukukazi sibuthela amazinyane aso phansi kwamaphiko aso , kepha anivumanga.
Jerusalema, Jerusalema, wena obulala abaprofethi , okhanda ngamatshe abathunyelwe kuwe, bengithanda kangaki ukubuthela ndawonye abantwana bakho njengesikhukukazi sibuthela amazinyane aso phansi kwamaphiko ; kepha anivumanga.
Kepha uma sithi : Kubantu, abantu bonke bazakusikhanda ngamatshe , ngokuba bakholiwe ukuthi uJohane ungumprofethi.
Kuthe uPilatu esezwa lawo mazwi wamkhiphela ngaphandle uJesu; wahlala esihlalweni sokwahlulela endaweni ethiwa eGandaywe ngamatshe kodwa ngesiHeberu iGabatha.
Khona yaphuma induna kanye nezikhonzi , zabaletha, kungengampoqo, ngokuba bebesaba abantu, funa bakhandwe ngamatshe.
bamkhiphela ngaphandle komuzi , bamkhanda ngamatshe. Ofakazi babeka izingubo zabo ngasezinyaweni zensizwa egama layo linguSawulu.
Kwathi ukuba basukelwe yisidumo sabezizwe nabaJuda kanye nababusi babo sokubaphatha kabi nokubakhanda ngamatshe,
Kodwa kwafika abaJuda, bevela e-Antiyokiya nase-Ikoniyu; sebezivumisile izixuku bamkhanda uPawulu ngamatshe , bamhudulela ngaphandle komuzi bethi usefile.
ngashaywa kathathu ngezinduku, ngakhandwa kanye ngamatshe, kathathu ngalinyalelwa umkhumbi, ngaba semanzini olwandle ubusuku bunye nemini;