U-Isaka wayesethuthum ela nokuthuthumela kakhulu impela , wathi: Ngubani, pho, othathe inyamazane , wayiletha kimi , ngayidla yonke ungakafiki, ngambusisa, na? Yena uyakuba ngobusisiweyo.
Bhekani ku -Abrahama uyihlo , nakuSara owanizalayo , ngokuba eseyedwa ngambiza, ngambusisa, ngamandisa.