Owesifazane wayesethatha lawo madoda omabili , wawathukusa, wathi: Kunjalo; amadoda afika kimi, kepha ngangingazi ukuthi avelaphi;
Kepha mina nganginjengewundlu eliyiswa ekuhlatshweni ; ngangingazi ukuthi bangicebela amacebo , bethi: Masiwuchithe umuthi kanye nezithelo zawo, simnqume ezweni labaphilayo, igama lakhe lingabe lisakhunjulwa.