Skip to Content

"ngaphakathi"

53 occurrences in ZUL

Yakha umkhumbi ngemithi yegofere , wenze amakamelo emkhunjini , uwuhuqe ngaphakathi nangaphandle ngekolitayi.

Wakhawuleza uJosefa , ngokuba ngaphakathi kwakhe kwavutha isihe ngomfowabo; wafuna lapho angakhala khona , wangena ekamelweni lakhe , wakhala khona.

UMose wathi : Usho kanje uJehova , uthi: Ngaphakathi kwamabili ngizakuphuma, ngiye phakathi kweGibithe;

Yisho kwabakwa -Israyeli ukuba babuyele emuva , bamise ngaphambi kwePhi Hahiroti , ngaphakathi kweMigidoli nolwandle , phambi kweBali Sefoni; anomisa ngaselwandle, nibhekane nalo.

AbaseGibithe babaxosha , bangena emva kwabo ngaphakathi kolwandle , namahhashi onke kaFaro, nezinqola zakhe, nabamahhashi bakhe.

Ngokuba amahhashi kaFaro angena elwandle kanye nezinqola zakhe nabamahhashi bakhe , uJehova wabuyisela amanzi olwandle phezu kwabo ; kepha abantwana bakwa -Israyeli bahamba emhlabathini owomileyo ngaphakathi kolwandle.

Uyakuwunameka ngegolide elicwengekileyo , uwunameke ngaphakathi nangaphandle, uwenzele udini lwegolide nxazonke.

Wolibeka ngaphansi , phansi kosiko oluzungeza i -altare, ukuba inetha lifinyelele ngaphakathi kwe-altare ukuya phezulu.

Uyakuwenza amasongo amabili egolide , uwafake emaceleni omabili esihlangu sesifuba , eceleni laso elibhekene ne ngubo yamahlombe ngaphakathi.

kube yimbobo yekhanda ngaphakathi kwalo , imbobo yalo ibe nomphetho oyizungezayo womsebenzi owalukiweyo njengembobo yeb hantshi lensimbi ukuba lingadatshulwa.

Wawunameka ngegolide elicwengekileyo ngaphakathi nangaphandle , wawenzela udini lwegolide nxazonke.

Walenzela i-altare ihele lethusi elenziwe njengenetha phansi kosiko oluzungeza i-altare ukuba lifinyelele ngaphakathi kwe-altare ukuya phezulu.

Base bewenza amasongo amabili egolide , bawafaka emaceleni omabili esihlangu sesifuba , eceleni laso elibhekene nengubo yamahlombe ngaphakathi.

Imbobo yejazi ngaphakathi kwalo yayinjengembobo yebhantshi lensimbi , inomphetho oyizungeza imbobo yalo ukuba lingadatshulwa.

umpristi ayibheke emva kokuhlanzwa kwesifo ; bheka, uma ibala lingaphendulile umbala walo , lingandile, ingcolile; woyishisa ngomlilo ; kungumcothu odlayo noma iqothukile ngaphakathi noma ngaphandle.

UJehova wathi kuMose : Khuluma ku-Aroni umfowenu ukuba angangeni njalo endaweni engcwele ngaphakathi kwesihenqo ngaphambi kwesihlalo somusa esiphezu komphongolo , ukuze angafi , ngokuba ngiyakubonakala efwini phezu kwesihlalo somusa.

Wothabatha umcengezi womlilo ogcwele amalahle omlilo ase -altare phambi kukaJehova , izandla zakhe zigcwele impepho ethaphukayo icolisisiwe, akulethe ngaphakathi kwesihenqo,

Abesehlaba impongo yomnikelo wesono engenxa yabantu, alethe igazi layo ngaphakathi kwesihenqo , enze ngegazi layo njengalokho wenza ngegazi lenkunzi, afafaze ngalo isihlalo somusa nangaphambi kwesihlalo somusa,

Nanxa uMose engena etendeni lokuhlangana ukuba akhulume naye , wezwa izwi likhuluma kuye, livela ngaphezu kwesihlalo somusa esisemphongolweni wobufakazi ngaphakathi kwamakherubi omabili; wayesekhuluma kuye.

Nokho ungahlaba, udle inyama ngaphakathi kwawo onke amasango akho njengesifiso somphefumulo wakho nanjengesibusiso sikaJehova uNkulunkulu wakho akuphe sona ; ongcolileyo nohlambulukileyo bangadla kukho njengokwensephe nokwendluzele.

Ungekudle ngaphakathi kwamasango akho okweshumi kwamabele akho , noma okwewayini lakho , noma okwamafutha akho , noma okwamazibulo ezinkomo zakho, noma awezimvu zakho, noma izithembiso zakho ozenzayo, noma iminikelo yakho yesihle , noma umnikelo wokuphakanyiswa wesandla sakho,

Uma kutholakala phakathi kwakho, ngaphakathi kwelithile lamasango akho uJehova uNkulunkulu wakho akunika wona , owesilisa noma owesifazane owenza okubi emehlweni kaJehova uNkulunkulu wakho ngokweqa isivumelwano sakhe,

Izingwegwe, ubude bazo bungububanzi besandla , zazifakiwe ngaphakathi nxazonke; ematafuleni kwakukhona inyama yomnikelo.

kuze kube phezu komnyango nasendlini engaphakathi , nangaphandle, nakulo lonke udonga nxazonke ngaphakathi nangaphandle kwakulinganisiwe,

UDavide wahlala enqabeni , wayibiza ngokuthi umuzi kaDavide . UDavide wakha nxazonke kusukela eMilo kuya ngaphakathi.

Wakha izindonga zendlu ngaphakathi ngamapulangwe emiseda ri; kusukela phansi endlini kuze kufike emishayweni yophahla wembesa ngamapulangwe ngaphakathi, wendlala phansi endlini ngamapulangwe emisayipuresi.

Kwakungumsedari ngaphakathi endlini , kubaziwe ngezintangazane nangezimbali eziqhakazileyo; konke kwakungumsedari, akubonakalanga tshe khona.

Wafekethisa zonke izindonga zendlu nxazonke ngezithombe ezibaziweyo zamakherubi, nangamasundu, nangezimbali eziqhakazileyo ngaphakathi nangaphandle.

Naphansi endlini wanameka ngegolide, ngaphakathi nangaphandle.

Konke lokho kwakhiwa ngamatshe anenani elikhulu , amatshe abaziwe ngezilinganiso, asahwe ngamasaha , ngaphakathi nangaphan dle, kusukela esisekelweni kuze kufike phezulu , nangaphandle kuze kube segcekeni elikhulu.

Abalindisango bamemeza, babikela indlu yenkosi ngaphakathi.

Ngesandla sezithunywa zakho uyijivazile inkosi , wathi: Ngobuningi bezinqola zami ngenyuke mina phezulu ezintabeni ngaphakathi kweLebanoni; ngigawula imisedari yalo emide nemisayipuresi yalo ekhethekileyo ngangena endaweni yalo yokugcina nasehlathini lalo eliminyeneyo.

Wenza ngaphakathi kwendlu izinsika ezimbili , ukuphakama kwazo kwakuyizingalo ezingamashumi amathathu nanhlanu; isihloko esasingaphezu kwaleyo naleyo sasiyizingalo eziyisihlanu.

Bheka, uthanda iqinis o ngaphakathi enhliziyweni ; wongifundisa ukuhlakanipha ekujuleni kwenhliziyo.

Ngaphambili kuhamba abahlabeleli , ngasemuva abashaya ugubhu , ngaphakathi izintombi ezishaya izingubhu.

Umoya waseGibithe uyakuba yize ngaphakathi kwalo ; ngiyakuchitha amasu alo; bayakufuna onkulunkulu, nezinyanga, nabanamadlozi, nabathakathi.

Ngesandla sezinceku zakho uyijivazile iNkosi, wathi: Ngobuningi bezinqola zami ngenyuke mina phezulu ezintaben i ngaphakathi kweLebanoni ; ngigawula imisedari yalo emide nemisayipuresi yalo ekhethekileyo ngangena ekuphakameni kwalo kokugcina nasehlathini lalo eliminyeneyo.

Waweneka phambi kwami ; wawulotshiwe ngaphakathi nangaphandle , kubhaliwe kuwo izililo nezililiselo, nokuthi: Maye!

Yinkemba ngaphandle, yisifo nendlala ngaphakathi ; osensimini uyakufa ngenkemba, osemzini uyakuqedwa yindlala nesifo.

Kwakukhona amafasitele avaliweyo , kuwo amakamelo nakuzo izinsika ngaphakathi kwesango nxazonke , kanjalo nakuyo imen gamo; kwakukhona amafasitele nxazonke ngaphakathi namasundu ezinsikeni.

Ngaphambi kwamakamelo kwakukhona indlela yokuhamba , ububanzi bayo buyizingalo eziyishumi ngaphakathi, nobude bayo b uyizingalo eziyikhulu ; iminyango yawo yayingasenyakatho.

Xwayani abaprofethi bamanga abeza kini bembathise okwezimvu, kepha ngaphakathi bayizimpisi eziphangayo.

Maye kinina babhali nabaFarisi , bazensizi, ngokuba nihlambulula ingaphandle lenkezo nesitsha , kepha ngaphakathi kugcwele impango nokuhuheka!

Maye kinina babhali nabaFarisi , bazenzisi, ngokuba nifana namaliba acakiweyo abonakala emahle ngaphandle , kanti ngaphakathi agcwele amathambo abafileyo nokungcola konke!

Kanjalo nani ngaphandle nibonakala kubantu nilungile, kanti ngaphakathi nigcwele ukuzenzisa nobubi.

ngokuba ngaphakathi enhliziyweni yabantu kuphuma imicabango emibi , nobufebe, nokweba, nokubulala,

Zonke lezo zinto ezimbi zivela ngaphakathi, zimngcolise umuntu. Owesifazane waseSirofenike (Math. 15:21)

Engafumani ukuthi angamngenisa kanjani ngenxa yesixuku akhwela phezu kwendlu, amehlisa ophahleni kanye nohlaka ngaphakathi phambi kukaJesu.

zathi: Indlu yeziboshwa sayifumana ivaliwe, iqinile impela, nabalindi bemi eminyango; kepha sesivulile asifumananga muntu ngaphakathi.

kodwa umJuda yilowo onguye ngaphakathi , nokusoka kungokwenhliziyo, ngomoya kungengegama , okutuswa kwakhe kungaveli kubantu kepha kuNkulunkulu.

Ngokuba nasekufikeni kwethu eMakedoniya inyama yethu ayib anga nakuphumula, kodwa sakhathazeka nxazonke ; ngaphandle kwakukhona ukulwa, ngaphakathi ukwesaba.

Ngase ngibona esandleni sokunene sakhe owayehlezi esihlalweni sobukhosi incwadi ilotshiwe ngaphakathi nangaphandle , inamathelisiwe ngezimpawu eziyisikhombisa.

Ngase ngibona ngaphakathi kwesihlalo sobukhosi nezidalwa ezine nangaphakathi kwamalunga kumi iWundlu kungathi lihlatshiwe , linezimpondo eziyisikhombisa namehlo ayisikhombisa angoMoya abayisikhombisa bakaNkulunkulu abathunyelwe emhlabeni wonke.