wehlisela phezu kwami umusa phambi kwenkosi , nabeluleki bayo , naphambi kwezikhulu zonke zenkosi ezingamaqhawe . Mina ngaqiniswa ngokwesandla seNkosi uNkulunkulu wami esasiphezu kwami, ngabutha ku- Israyeli abayizinhloko ukuba bakhuphuke nami.
Wathi: Ungesabi, muntu othandekayo; ukuthula makube kuwe; qina, yebo, mawuqine. Lapho ekhuluma kimi , ngaqiniswa, ngathi: Mayikhulume inkosi yami, ngokuba ungiqinisile.