Skip to Content

"ngaseceleni"

22 occurrences in ZUL

asuse ingila nezimpaphe , akulahle ngaseceleni kwe -altare ngasempumalanga endaweni yomlotha,

Umpristi uyakwembatha isambatho selineni , afake nebhulukwe lakhe lelineni emzimbeni wakhe , asuse umlotha womlilo oshise umnikelo wokushiswa e-altare, awuthele ngaseceleni kwe-altare.

UMose wakhuluma ku -Aroni naku -Eleyazare naku -Itamari amadodana akhe aseleyo, wathi: Thathani umnikelo wempuphu osele eminikelweni yomlilo kaJehova, niwudle ungenamvubelo ngaseceleni kwe -altare, ngokuba ungcwelengcwele,

Elulekile njengezigodi , njengamasimu ngasemfuleni , njengemihlaba ayitshalile uJehova, njengemisedari ngaseceleni kwamanzi.

Angithi zipheshe ya kweJordani ngalaphaya kwendlela yasentshonalanga ezweni lamaKhanani ahlala e -Araba, malungana neGiligali ngaseceleni kwama-oki aseMore na?

Ungazitshaleli u-Ashera womuthi noma owaluphi uhlobo ngaseceleni kwe - altare likaJehova uNkulunkulu wakho oyakuzenzela lona.

Thathani le ncwadi yomthetho , niyibeke ngaseceleni komphongolo wesivumelwano sikaJehova uNkulunkulu wenu , ibe khona , ibe ngufakazi , imelane nani.

wawusukhuphuka umkhawulo esigodini sendodana kaHinomu ngaseceleni kweJebusi ngaseningizimu , eliyiJerusalema; umkhawulo wenyukela esiqongweni sentaba engaphambi kwesigodi sikaHinomu ngasentshonalanga ngasekugcineni kwesigodi samaRefa ngasenyakatho;

Ekufikeni kwakhe, bheka, u-Eli wayehlezi esihlalweni sakhe ngaseceleni komgwaqo, ngokuba inhliziyo yakhe yayithuthumela ngomphongolo kaNkulunkulu. Esengenile emzini lowo muntu , wakubika, wakhala umuzi wonke.

Kwathi esaphatha umphongolo kaNkulunkulu , wawa nyovane esihlalweni sakhe ngaseceleni kwesango , kwaphuka intamo yakhe , wafa, ngokuba wayengumuntu omdala, esinda. Wayebahlulele abakwa-Israyeli iminyaka engamashumi amane.

Inkosi yahlala esihlalweni sayo njengakwezinye izikhathi , isihlalo esingasodongeni; uJonathani wema , u-Abineri wahlala ngaseceleni kukaSawule; kepha indawo kaDavide yayiyize.

UDavide wayeseyaleza izinsizwa zakhe , zababulala, zabanquma izandla nezinyawo, zabaphanyeka ngaseceleni kwechibi laseHebroni. Kepha bathatha ikhanda lika-Ishi Bosheti, balimbela ethuneni lika-Abineri eHebroni.

U-Abisalomu wavuka ekuseni , wema ngaseceleni kwendlela yesango ; kwakuthi wonke um untu onecala eliya enkosini ukuba lithethwe , u- Abisalomu wambiza wathi : Ungowamuphi umuzi na ? athi: Inceku yakho ingowesinye sezizwe zakwa-Israyeli.

Yayisithi inkosi kubo : Okuhle emehlweni enu ngiyakukwenza . Inkosi yema ngaseceleni kwesango , bonke abantu baphuma ngamakhulu nangezinkulungwane.

Wakha futhi izingalo ezingamashumi amabili ngaseceleni lendlu lasemuva ngamapulangwe emisedari kusukela p hansi kuze kufike emishayweni , wazakhela phakathi okwaba yigumbi, okuyindawo engcwelengcwele.

Wazibeka izinqe eziyisihlanu ngaseceleni lokunene lendlu neziyisihlanu ngaseceleni lasokhohlo lendlu ; walubeka ulwandle ngaseceleni lokunene lendlu ngasempumalanga yangaseningizimu.

Isihlalo sobukhosi sasinezikhwelo eziyisithupha , isihloko saso sasiyisiyingelezi emuva ; kwakukhona imikhono ngalapha nangalapha kwendawo yokuhlala, kumi izingonyama ezimbili ngaseceleni kwemikhono.

Isihlalo sobukhosi sasin ezikhwelo eziyisithupha , sinesenabelo segolide esasinamathelisiwe esihlalweni sobukhosi , nemikhono ngalapha nangalapha kwendawo yokuhlala, kumi izingonyama ezimbili ngaseceleni kwemikhono.

Bayakuwa abayizinkulungwane ngaseceleni kwakho , nabayizinkulungwane eziyishumi ngakwesokunene sakho, kepha akuyikufinyelela kuwe.

Ngaseceleni kwamasango , ngasekungeneni komuzi , lapho kungenwa ngeminyango, kuyamemeza ngokuthi:

Bheka, kwafika amadoda ayisithupha evela endleleni yasesangweni lasenhla, elingasenyakatho, yileyo naleyo inesikhali sokubulala esandleni sayo, enye phakathi kwawo yembethe ilineni , inophondo lukayinki womlobi ngasokhalweni lwayo. Angena, ema ngaseceleni le-altare lethusi.

Lezi zaziyizilinganiso ze -altare ngezingalo , ingalo iyingalo nobubanzi besandla: isinqe sasiyingalo ukuphakama kwaso , nobubanzi buyingalo ; umncele walo ngaseceleni kwalo nxazonke wawunjengokudazuluka kweminwe; lokhu kwakungukuphakama kwe-altare;