Skip to Content

"ngasemthonjeni"

13 occurrences in ZUL

Ingelosi kaJehova yamfumana ngasemthonjeni wamanzi ehlane , umthombo osendleleni eya eShuri.

Yaguqisa amakamela ayo ngaphandle komuzi ngasemthonjeni wamanzi kusihlwa, ngesikhathi abaphuma ngaso abesifazane ukuyokukha amanzi.

Bheka, sengimi ngasemthonjeni wamanzi, amadodakazi abantu bomuzi eza ukukha amanzi.

Intombazana yayibukeka kahle , iyintombi, engaziwa yindoda ; yehlela ngasemthonjeni, yagcwalisa imbiza yayo, ibisenyuka.

URebeka wayenomnewabo ogama lakhe linguLabani ; uLabani wagij imela endle kulowo muntu ngasemthonjeni.

Kwathi esebone icici namasongo ezandleni zikadadewabo , wezwa amazwi kaRebeka udadewabo, ethi: Washo njalo lo muntu kimi, waya kulowo muntu; bheka, wayemi ngakuwo amakamela ngasemthonjeni.

bheka, sengimi ngasemthonjeni wamanzi ; kuyakuthi intombazana eza ukuyokukha, engisho kuyo ukuthi : Ake ungiphuzise ingcosana yamanzi embizeni yakho,

UJosefa uyingat sha entsha ethelayo , ingatsha ethela ngasemthonjeni ; amagatsha akhe akhwela odongeni.

UFaro esekuzwile lokho wafuna ukumbulala uMose. Kepha uMose wabaleka ebusweni bukaFaro , wahlala ezweni lakwaMidiyani ; wahlala phansi ngasemthonjeni.

UJerubali onguGideyoni nabantu bonke ababenaye bavuka ekuseni , bamisa ngasemthonjeni waseHarodi; ikamu lakwaMidiyani lalingasenyakatho kwabo ngasegqumeni laseMore esigodini.

AmaFilisti abutha zonke izimpi zawo e -Afeki; abakwa-Israyeli bamisa ngasemthonjeni oseJizreyeli.

yebo, lingakagqabuki igoda lesiliva , nokhamba lwegolide lungakaphahlazwa, nembiza ingakafi ngasemthonjeni , nesondo lingakaphuki ngasemgodini wamanzi,

Wawukhona lapho umthombo kaJakobe. Ngakho uJesu ekhathele ukuhamba wayesehlala ngasemthonjeni. Kwakungaba yihora lesithupha.