Skip to Content

"ngasese"

26 occurrences in ZUL

Ubalekeleni ngasese na? Wanginyenyelelani ungangitshelanga ukuba ngabe ngikuvalelise ngokwenama nangezihlabelelo, ngesigubhu nangehabhu, na?

Uma umfowenu, indodana yakho, noma indodakazi yakho, noma umkakho osesifubeni sakho , noma umngane wakho onjengomphefumulo wakho ekuyenga ngasese, ethi: Masiye ukukhonza abanye onkulunkulu ongabaziyo , wena nawoyihlo,

Makaqalekiswe umuntu owenza isithombe ezibaziweyo nesibunjiweyo , isinengiso kuJehova, umsebenzi wezandla zengcweti, asimise ngasese. Bonke abantu bayakuphendula bathi: Amen.

Makaqalekiswe obulala umakhelwane wakhe ngasese . Bonke abantu bayakusho ukuthi: Amen.

nakumzanyama wakhe ophuma phakathi kwezinyawo zakhe , nakubantwana bakhe ayakubazala , ngokuba uyakubadla ngasese e kusweleni kwakhe ekuvinjezelweni nasekuxinekeni eziyakukuxina ngakho izitha zakho kuwo onke amasango akho.

UJoshuwa indodana kaNuni wathuma ngasese eseShithimi amadoda amabili abe yizinhloli, wathi: Hambani nibone izwe neJeriko. Basuka, bafika endlini yesifebe esigama laso linguRahabi, balala khona.

USawule wayaleza izinceku zakhe ngokuthi : Khulumani noDavide ngasese, nithi: Bheka, inkosi yenamile ngawe, nazo zonke izinceku zayo ziyakuthanda; ngalokho yiba ngumkhwenyana wenkosi.

Abantu bakaDavide bathi kuye : Bheka, nantu usuku uJehova asho ngalo kuwe ukuthi: Bheka, ngiyakunikela isitha sakho esandleni sakho, wenze kuso okuhle emehlweni akho . Wayesesuka uDavide , wasika ngasese umphetho wengubo kaSawule.

Ngokuba wena wakwenza ngasese , kepha mina ngiyakukwenza lokhu phambi kuka-Israyeli wonke naphambi kwelanga.

Abantwana bakwa -Israyeli benza ngasese izinto ezingalungile kuJehova uNkulunkulu, bazakhela izindawo eziphakemeyo emizini yabo yonke ngasemibhoshongweni yabalindi nasemizini ebiyelweyo.

Uyakunisola nokunisola, uma nivuna ubuso ngasese.

Omhlebayo umakhelwane wakhe ngasese ngizakumqeda ; onamehlo aqhoshayo nenhliziyo ezidlayo angiyikumvumela.

Kepha uma ningalaleli , umphefumulo wami uyakukhala ngasese ngokuzidla kwenu; iso lami liyakukhala nokukhala , limululeka izinyembezi, ngokuba umhlambi kaJehova uthunjiwe.

uSedekiya inkosi wathumela wamlanda ; inkosi yambuza ngasese endlini yayo, yathi: Kukhona izwi elivela kuJehova na ? UJeremiya wathi: Likhona. Wathi futhi: Uyakunikelwa esandleni senkosi yaseBabele.

Base bemdonsa uJeremiya ngezintambo , bamkhipha emgodini; uJeremiya wahlala egcekeni letilongo. UJeremiya uhlangana ngasese noSedekiya

Inkosi uSedekiya yayisifunga ngasese kuJeremiya , yathi: Kuphila kukaJehova owasenzela lo mphefumulo , angiyikukubulala, futhi angiyikukunikela esandleni salawa madoda afuna ukuphila kwakho.

UJohanani indodana kaKhareya wakhuluma kuGedaliya eMispa ngasese , wathi: Mangihambe ngimbulale u -Ishmayeli indodana kaNethaniya , kungaziwa muntu ; ubeyakukubulalelani, ukuze bonke abaJuda ababuthene kuwe bahlakazake, insali yakwaJuda ichithwe, na?

Ugwaza ikhanda lomholi wabo ngeyakhe imicibisholo , lapho besondela njengesivunguvungu ukungihlakaza , bejabula njengabayakudla ompofu ngasese.

Kepha uJosefa indoda yakhe engumuntu olungileyo , engathandi ukumthela ihlazo, wayefuna ukumlahla ngasese.

Khona uHerode, ezibizile izazi ngasese, wabuzisisa kuzo isikhathi inkanyezi ebonakele ngaso,

Eseshilo lokho wamuka wabiza uMariya udadewabo ngasese , wathi: UMfundisi ukhona, uyakubiza.

UJesu wamphendula wathi: Ngikhulumile obala ezweni. Ngezikhathi zonke bengifundisa esinagogeni nasethempelini , lapho abaJuda bonke bebuthana khona, angikhulumanga lutho ngasese.

Kepha uPawulu wathi kuzo : Basishayile phambi kwabantu singalahlwanga cala, thina singabantu abangamaRoma , basiphonsa etilongweni ; manje basikhipha ngasese na? Qhabo, akuze bona, basikhiphe.

Kepha kwaba ngenxa yabazalwane bamanga abangeniswa ngasese, abangena ngokunyenya, bezakuhlola ukukhululeka kwethu esinakho kuKristu Jesu , ukuze basenze izigqila,

ngokuba okwenziwa yibo ngasese kuyihlazo nokukhuluma ngakho.

Kepha kwavela nabaprofethi bamanga phakathi kwesizwe , njengokuba nakinina kuzakuba khona abafundisi bamanga abazakungenisa ngasese izifundiso zamanga ezibhubhisayo , bephika noMbusi owabathengayo, bezilethela ukubhujiswa okusheshayo;