Umkhawulo wamaKhanani wawususukela eSidoni , waya ngaseGerari waze wafika eGaza ; waya ngaseSodoma naseGomora nase -Adima naseSeboyimi waze wafika eLasha.
U-Abrama wahlala ezweni laseKhanani ; uLoti wahlala emizini yasethafeni , wamisa itende lakhe ngaseSodoma.
Amadoda asuka lapho , abheka ngaseSodoma; u-Abrahama wahamba nawo ewaphelekezela.
Ayesefulathela lapho amadoda , aya ngaseSodoma, kepha u -Abrahama wayesemi ebusweni bukaJehova.
Wabheka ngaseSodoma naseGomora nasezweni lonke lethafa , wabona, bheka, isisi sezwe senyuka njengomusi weziko.