Kwakukhona ikamelo nomnyango walo ngasezinsikeni emasangweni ; bahlanza khona umnikelo wokushiswa.
Ubude bompheme babuyizingalo ezingamashumi amabili , nobubanzi buyizingalo eziyishumi nanye ngasezinyathelweni okwakukhushukelwa ngazo kulo; kwakukhona nezibonda ngasezinsikeni, esinye ngalapha nesinye ngalapha.
Ubusisiwe umuntu ongizwayo , elinda imihla ngemihla ngasemasangweni ami, ehlala ngasezinsikeni zeminyango yami.