Ngabasola ngalokho, ngabathuka, ngashaya abanye abantu, ngabahluthula izinwele, ngabafungisa uNkulunkulu , ngathi: Ninganiki amadodana abo amadodakazi enu, ningathatheli amadodana enu amadodakazi abo.
Impela lapho sengibuyisiwe , ngazisola, nalapho ngifundisiwe, ngashaya ithanga lami, ngaba namahloni, yebo, ngajabha, ngokuba ngathwala ihlazo lobusha bami.