ngokuba uBaba uqobo uyanithanda, ngokuba ningithandile nina, nakholwa ukuthi mina ngavela kuNkulunkulu.
Ngavela kuBaba, ngeza ezweni; ngiyalishiya futhi izwe, ngibuyela kuBaba.
Ngokuba amazwi ongiphe wona ngibaphile wona , bawamukela, bazi isibili ukuthi ngavela kuwe, bakholwa ukuthi wangithuma wena.