"ngawa"
9 occurrences in ZUL
Njengothingo olusemafwini ngosuku lwemvula kwabonakala kanjalo ukumenyezela nxazonke . Kwakunjengesimo senkazimulo kaJehova . Lapho ngiyibona, ngawa ngobuso, ngezwa izwi lokhulumayo.
Ngasuka, ngaphuma ngaya ethafeni ; bheka, inkazimulo kaJehova yayimi khona njengenkazimulo engayibona ngasemfuleni iKhebari , ngawa ngobuso bami.
Kwathi esabulala , kwasala mina ; ngawa ngobuso , ngakhala ngathi : Maye, Nkosi Jehova ! Uyakubulala yonke insali yakwa -Israyeli ekutheleni kwakho ukufutheka kwakho phezu kweJerusalema na?
Kwaba njengesimo sombono engawubonayo , yebo, njengombono engawubona lapho ngeza ukuwuchitha umuzi ; imibono yayinjengombono engawubona ngasemfuleni iKhebari; ngawa ngobuso bami.
Wayesengiyisa ngaphambi kwendlu ngendlela yesango lasenyakatho ; ngabuka, bheka, inkazimulo kaJehova yagcwalisa i ndlu kaJehova , ngawa ngobuso bami.
Wayesesondela lapho ngimi khona; lapho esefika, ngashaywa luvalo, ngawa ngobuso bami ; kepha wathi kimi : Qonda, ndodana yomuntu , ngokuba umbono ungowesikhathi sokuphela.