Skip to Content

"ngegama"

91 occurrences in ZUL

Yizwa lokhu wena ndlu kaJakob e obiziwe ngegama lika-Israyeli, waphuma emanzini akwa Juda, ofunga igama likaJehova , odumisa uNkulunkulu ka - Israyeli, kungengaqiniso nakulunga kodwa.

UKayini wamazi umkakhe ; wakhulelwa, wazala u -Enoke. Wakha umuzi , wawuqamba igama lokuthi u-Enoke ngegama lendodana yakhe.

UNkulunkulu wathi ku -Abrahama: USarayi umkakho awu sayikumbiza ngegama lokuthi uSarayi, kepha igama lakhe alibe nguSara.

Kepha inzalo yakho oyizala emva kwabo izakuba ngeyakho ; iyakubizwa ngegama labafowabo efeni lalabo.

ingelosi engisindise ebubini bonke mayibusise abafana ; mababizwe ngegama lami nangegama lawobaba o -Abrahama no -Isaka; mabande, babe baningi phakathi kwezwe.

ngabonakala ku-Abrahama, naku-Isaka, nakuJakobe njengoSomandla, kepha ngegama lami lokuthi uJehova ngangingaziwa kubo.

Bheka, ngibize ngegama uBesaleli indodana ka -Uri kaHuri , owesizwe sakwaJuda.

UMose wathi kuJehova : Bheka, uthi kimi : Khuphula laba bantu , kepha awungazisanga yena oyakumthuma nami . Nokho ushilo ukuthi : Ngiyakwazi ngegama, ufumene umusa emehlweni ami.

UJehova wathi kuMose : Ngiyakwenza nalokho okushiloyo , ngokuba ufumene umusa emehlweni ami; ngiyakwazi ngegama.

UMose wathi kubantwana bakwa -Israyeli: Bhekani, uJehova ubize ngegama uBesaleli indodana ka-Uri kaHure, owesizwe sakwaJuda;

Ngalolo suku abesifazane abayisikhombisa bayakubamba indoda inye, bathi: Siyakudla isinkwa sethu , sembathe izingubo zethu . Masibizwe kuphela ngegama lakho, ususe ihlazo lethu. Inkazimulo yaseSiyoni

UNoba wahamba wathatha iKhenati nemizana yalo , walibiza ngokuthi iNoba ngegama lakhe.

UJayire indodana kaManase wathatha sonke isifunda sase -Arigobi kuze kube semkhawulweni wamaGeshuri nowamaMahakhathi, wasibiza -- lona iBashani -- ngegama lakhe ngokuthi iHawoti Jayire kuze kube namuhla.

Bonke abantu bomhlaba bayakubona ukuthi ubiziwe ngegama likaJehova , bakwesabe.

Umkhawulo wabantwana bakwaDani waphuma kuwo ; kepha abantwana bakwaDani bakhuphuka balwa neLeshemu , balithatha, balichitha ngosiko lwenkemba, balidla, bakha kulo , baliqamba iLeshemu ngokuthi iDani ngegama likaDani uyise.

Baqamba igama lomuzi ngokuthi uDani ngegama likaDani uyise owazalelwa u-Israyeli; kepha igama lomuzi laliyiLayishi kuqala.

UDavide wayesethi kumFilisti : Wena uza kimi nenkemba , nomkhonto, nengcula, kepha mina ngiza kuwe ngegama likaJehova Sebawoti , uNkulunkulu wempi ka-Israyeli oyeyisile.

UDavide wahamba nabo bonke abantu ababe naye , besuka eBali Juda ukwenyusa khona umphongolo kaNkulunkulu obizwa ngeGama , lona igama likaJehova Sebawoti ohlala phezu kwamakherubi.

Ngalokho butha abantu abaseleyo, umise ngakuwo umuzi, uwuthathe, funa mina ngiwuthathe umuzi, ubizwe ngegama lami.

U-Abisalomu esekhona wayethathe insika , wazimisela yona esiGod ini seNkosi, ngokuba wathi : Anginandodana yokukhumbuzela igama lami . Wayiqamba insika ngegama lakhe; ithiwa isikhumbuzo sika -Abisalomu kuze kube namuhla.

ngokuba bayakuzwa ngegama lakho elikhulu , nangesandla sakho esinamandla, nangengalo yakho eyeluliweyo lapho ebeseza ukukhuleka kule ndlu,

mawuzwe wena ezulwini , indawo yakho yokuhlala , wenze njengakho konke lo wezizwe akhala ngakho kuwe, ukuze bonke abantu bomhlaba bazi igama lakho , bakwesabe wena njengabantu bakho u -Israyeli nokuze bazi ukuthi le ndlu engiyakhileyo ibiziwe ngegama lakho.

Inkosikazi yaseSheba isizwile udumo lukaSolomoni ngegama likaJehova yeza ukumvivinya ngezimfumbe.

Wathenga intaba yaseSamariya kuShemere ngamatalenta amabili esiliva , wakha entabeni, waqamba igama lomuzi awakhileyo ngegama likaShemere umninintaba ngokuthi iSamariya.

UDavide wenyukela kanye naye wonke u -Israyeli e Bahala, okungukuthi iKiriyati Jeharimi elalingelakwaJuda , ukukhuphula khona umphongolo kaNkulunkulu uJehova ohlezi phezu kwamakherubi , owawubizwa ngegama lakhe.

mawuzwe wena ezulwini, indawo yakho yokuhlala, wenze njengakho konke lo wezizwe akhala ngakho kuwe , ukuze bonke abantu bomhlaba bazi igama lakho, bakwesabe wena njengabantu bakho u -Israyeli, nokuze bazi ukuthi le ndlu engiyakhileyo ibiziwe ngegama lakho.

bazithobe abantu bami ababizwa ngegama lami , bakhuleke, bafune ubuso bami, baphenduke ezindleleni zabo ezimbi , ngiyakuzwa ezulwini , ngithethelele isono sabo, ngiphilise izwe labo.

U-Asa wakhala kuJehova uNkulunkulu wakhe , wathi: Jehova, akakho ngaphandle kwakho ongasiza phakathi konamandla amak hulu nongenawo ; sisize, Jehova Nkulunkulu wethu , ngokuba sencika kuwe , sifike ngegama lakho kulesi sixuku . Jehova, wena unguNkulunkulu wethu , mawungahlulwa muntu.

Namadodana ka -Aroni, abapristi ababe semasimini amadlelo emizi yabo , imizi ngemizi , ayenamadoda abizwa ngegama ukuba anike bonke abesilisa babapristi nawo onke amaLevi abhaliweyo ngezizukulwane izabelo.

Abantwana babapristi : ngabantwana bakwaHabaya , nabantwana bakwaHakhosi, nabantwana bakwaBarizilayi , owathatha umfazi emadodakazini kaBarizilayi wakwaGileyadi, wabizwa ngegama lawo.

Abaprofethi, uHagayi umprofethi noZakariya indodana ka -Ido, baprofetha kubaJuda ababekwaJuda naseJerusalema ngegama likaNkulunkulu ka - Israyeli owayephezu kwabo.

Kubapristi: ngabantwana bakwaHobaya , nabantwana bakwaHakhosi , nabantwana bakwaBarizilayi owathatha umfazi kumadodakazi kaBarizilayi wakwaGileyadi, wabizwa ngegama lawo.

Yangena khona kusihlwa ; ekuseni yabuyela endlini yesibili yabesifazane phansi kwesandla sikaShahashigazi , induna yenkosi , umgcini wezancinza , ingaphindi ingene enkosini , uma inkosi ingathokozanga ngayo , ibizwe ngegama.

Ngalokho babiza lezo zinsuku ngokuthi iPhurimi ngegama lePhure . Ngalokho ngenxa yawo onke amazwi aleyo ncwadi , nangenxa yalokho abebekubonile ngale ndaba, nalokho okubehleleyo,

Ngawe sizakulahla phansi izitha zethu ; ngegama lakho sizakunyathela abasivukelayo.

Nkulunkulu, ngisindise ngegama lakho, ngahlulele ngamandla akho.

Okukhona kwake kwabi zwa ngegama ; kwaziwa ukuthi umuntu uyakuba yini; akanakwahlulelana nonamandla kunaye.

Awuyikuhlanganiswa nabo ekumbelweni , ngokuba uchithile izwe lakho , wabulala abantu bakho; inzalo yababi ayisayikubizwa ngegama naphakade.

Ngiyakusiphumisa, usho uJehova Sebawoti , S ingene endlini yesela nasendlini yofunga amanga ngegama lami , sihlale phakathi kwendlu yakhe , siyiqede kanye nemithi yayo namatshe ayo. Owesifazane ose-efeni*

Kepha manje usho kanje uJe hova owakudalayo wena Jakobe , nowakubumba wena Israyeli, uthi: Ungesabi ngokuba ngikuhlengile , ngikubizile ngegama lakho; ungowami.

onke abizwe ngegama lami , nengiwadalele inkazimulo yami , engiwabumbile nengiwenzile.

Omunye uyakuthi : NgingokaJehova; omunye uyakuzibiza ngegama likaJakobe, omunye azilobele uJehova esandleni sakhe , azidumise ngegama lika-Israyeli. UJehova yedwa unguNkulunkulu

Ngiyakukunika ingcebo yobumnyama , nemfuyo ethukusiweyo ezindaweni ezisithekileyo, ukuba wazi ukuthi nginguJehov a okubiza ngegama lakho , uNkulunkulu ka-Israyeli.

Ngenxa yenceku yami uJakobe , u-Israyeli okhethiweyo wami, ngikubizile ngegama lakho, ngikunikile igama lodumo, ungakangazi.

Izizwe ziyakubona ukulunga kwakho , namakhosi onke inkazimulo yakho ; uyakubizwa ngegama elisha eliyakunqunywa ngumlomo kaJehova.

Sinjengalabo ongazange ubuse phezu kwabo , nabangabizwanga ngegama lakho.

Ngafunwa ngabangangicelanga, ngafunyanwa ngabangangifunanga, ngathi: Ngibhekeni, ngibhekeni, kuso isizwe esingabizwanga ngegama lami.

bese nifika nime ngaphambi kwami kule ndlu ebizwe ngegama lami , nithi: Sophuliwe -- nize nenze zonke lezi zinengiso, na?

Le ndlu ebizwe ngegama lami isiphenduke umhume wabaphangi emehlweni enu na? Bhekani, nami ngiyakubona, usho uJehova.

ngiyakwenza kule ndlu ebizwe ngegama lami nenithemba kuyo , nakule ndawo enganinika yona nina nawoyihlo, njengalokho ngenza kulo iShilo.

Ngokuba aban twana bakwaJuda benzile okubi emehlweni ami , usho uJehova; bazibekile izinengiso zabo endlini ebizwe ngegama lami zokuba bayingcolise.

Ngalokho usho kanje uJehova ngabantu base-Anathoti abafuna ukuphila kwakho, bathi: Awuyikuprofetha ngegama likaJehova , ukuze ungafi ngesandla sethu;

Yini ukuba ube ngumuntu odidekileyo , njengeqhawe elingenakusindisa, na? Nokho uphakathi kwethu, Jehova, sibiziwe ngegama lakho; ungasishiyi.

Ngalokho usho kanje uJehova ngabaprofethi abaprofetha ngegama lami , ngingabathumanga, bathi: Akuyikubakho inkemba nendlala kuleli zwe , uthi: Ngenkemba nangendlala bayakuphela laba baprofethi.

Amazwi akho afunyanwa , ngawadla; amazwi akho aba ngukujabula kim i nokuthokoza kwenhliziyo yami , ngokuba ngibizwa ngegama lakho , Jehova Nkulunkulu Sebawoti.

Ngokuba bheka , ngiyaqala ukwenza okubi emzini obizwe ngegama lami ; nina beniyakuba ngabangenacala na ? Aniyikuba ngabangenacala , ngokuba ngiyakubiza bonke abakhil eyo emhlabeni beze enkembeni , usho uJehova Sebawoti.

Ngokuba angibathumanga , usho uJehova ; baprofetha amanga ngegama lami ukuze nginixoshe, niphele, nina nabaprofethi abaprofetha kini.

Kepha bazibeka izinengiso zabo endlini ebizwa ngegama lami ukuba bayingcolise.

Nina-ke seniphendukile namuhla , nenza okulungile emehlweni ami ngokumemezela ukukhululeka, kube yilowo nalowo kumakhelwane wakhe, nenza isivumelwano ngaphambi kwami endlini ebizwa ngegama lami.

Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Ngiyakubuyisa ukuthunjwa kukaJakobe, ngihawukele yonke indlu yakwa -Israyeli, ngibe nomhawu ngegama lami elingcwele.

Nkulunkulu wami, beka indlebe yakho , uzwe; vula amehlo akho , ubheke izincithakalo zethu nomuzi obizwe ngegama lakho , ngokuba asilethi ukunxusa kwethu phambi kwakho ngenxa yokulunga kwethu kepha ngomusa wakho omkhulu.

Nkosi, yizwa; Nkosi, thethelela; Nkosi, lalela, wenze; ungalibali ngenxa yakho, Nkulunkulu wami, ngokuba umuzi nabantu bakho babizwe ngegama lakho.

ukuze badle ifa lensali yakwa -Edomi nelezizwe zonke ezabizwa ngegama lami, usho uJehova okwenza lokhu.

Ngokuba bonke abantu bahamba , kube yilowo nalowo ngegama likankulunkulu wakhe , kepha thina siyakuhamba ngegama likaJehova uNkulunkulu wethu kuze kube phakade naphakade.

Khona abamesabayo uJehova bakhuluma bodwa omunye nomunye ; uJehova waqaphela , wezwa, kwalotshwa phambi kwakhe incwadi yokukhumbula ababemesaba uJehova, bezindla ngegama lakhe.

Abaningi bayakuthi kimi ngalolo suku : Nkosi, Nkosi, asiprofethanga yini ngegama lakho , sakhipha amademoni ngegama lakho , senza imisebenzi eminingi yamandla ngegama lakho, na?

Owamukela umprofethi ngegama lomprofethi uyakuzuza umvuzo womprofethi; nowamukela olungileyo ngegama lolungileyo uyakuzuza umvuzo wolungileyo.

Yilowo nalowo oyakuphuzisa abe munye kulaba abancinyane , ngisho inkezo eyodwa yamanzi aqandayo ngegama lomfundi, ngiqinisile ngithi kini: Kasoze alahlekelwa ngumvuzo wakhe.

Nalowo oyakwamukela umntwana onje abe munye ngegama lami uyangamukela mina.

Ngokuba kuyakuza abaningi ngegama lami , bathi: M ina nginguKristu, badukise abaningi.

Yilowo nalowo oyakwam ukela abe munye kubantwana abanje ngegama lami uyangamukela mina , ongamukela mina akamukeli mina kodwa ongithumileyo.

UJohane wayesethi kuye: Mfundisi, sabona umuntu ongasilandeli ekhipha amademoni ngegama lakho; samnqabela ngokuba engasilandeli.

Kepha uJesu wathi : Ningamnqabeli, ngokuba akakho owenza umsebenzi wamandla ngegama lami ongasuka masinyane, akhulume kabi ngami.

Yilowo nalowo oniphuzisa inkezo yamanzi ngegama lami ngokuba ningabakaKristu, ngiqinisile n githi kini : Akasoze alahlekelwa ngumvuzo wakhe.

Kuyakuza abaningi ngegama lami, bathi: Nginguye, badukise abaningi.

Lezi zibonakaliso ziyakubalandela abakholwayo : ngegama lami bayakukhipha amademoni, bashumayele ngezilimi ezintsha,

Kwathi ngosuku lwesishiyagalombili beza ukusoka umntwana , bamqamba ngegama likayise uZakariya.

wathi kubo : Yilowo nalowo oyakwamukela lo mntwana ngegama lami uyangamukela mina , ongamukela mina uyamamukela ongit humileyo; ngokuba omncinyane kini nonke nguye omkhulu.

UJohane waphendula wathi : Nkosi, sabona umuntu ekhipha amademoni ngegama lakho, samnqabela ngokuba engalandelani nathi.

Babuya-ke abangamashumi ayisikhombisa ngokujabula , bathi: Nkosi, namademoni ayasithobela ngegama lakho.

Wathi: Qaphelani ningadukiswa, ngokuba kuyakuza abaningi ngegama lami, bathi: Nginguye; bathi futhi: Isikhathi sesisondele; maningabalandeli.

makwazeke kini nonke nasesizweni sonke sakwa -Israyeli ukuthi ngegama likaJesu Kristu waseNazaretha enambethela esiphambanweni , amvusayo uNkulunkulu kwabafileyo, ngaye umi lo muntu phambi kwenu esindile.

Base bebabi za, babayala ngokuthi bangakhulumi , bangafundisi nakanye ngegama likaJesu.

ngokwelula isandla sakho ukuphulukisa , kwenziwe izibonakaliso nezimangaliso ngegama leNceku yakho engcwele uJesu.

Base bebabiza abaphostoli , babashaya, babayala ngokuthi bangakhulumi ngegama likaJesu, babakhulula.

Kodwa uBarnaba wamthatha, wamyisa kubaphostoli, wabalandisa ngokuthi uyibonile iNkosi endle leni, nokuthi ikhulumile kuye , nokuthi eDamaseku wayeshumayele ngesibindi ngegama likaJesu.

Wayenabo eJerusalema, engena ephuma, eshumayela ngesibindi ngegama leNkosi,

Ngaye bonke abaprofethi bafakaza ukuthi ngegama lakhe bonke abakholwa nguye bayakwamukela ukuthethelelwa kwezono. Ukubhapathizwa kukaKorneliyu nabendlu yakhe

Kepha ngiyanincenga , bazalwane, ngegama leNkosi yethu uJesu Kristu ukuba nikhulume zwilinye nonke, kungabikho ukwahlukana phakathi kwenu, kodwa nipheleliswe emqondweni munye nasekuboneni kunye.

Babenjalo abanye kini , kepha senahlanzwa, senangcweliswa, senalungisiswa ngegama leNkosi uJesu Kristu nangoMoya kaNkulunkulu wethu. Umzimba wethu uyithempeli likaNkulunkulu

ukuze kuthi ngegama likaJesu amado lo onke aguqe , awabasezulwini, nawabasemhlabeni, nawabangaphansi komhlaba,