Skip to Content

"ngejubili"

5 occurrences in ZUL

Uma engatholi amandla okuzibuyisele la lona , lelo athengise ngalo liyakusala esandleni solithengileyo , uze ufike umnyaka wejubili ; ngejubili liyakuphuma, yena abuyele efeni lakhe.

Uma ingahlengwanga umnyaka usuphelile , leyo ndlu esemzini onogange iyakuqiniswa ibe ngeyakhe owayithenga kuze kube phakade ezizukulwaneni zakhe; ayiyikuphuma ngejubili.

Kepha izindlu zemizana engenalugange nxazonke ziyakubalwa kanye namasimu asemaphandleni; zingahlengwa, ziphume ngejubili.

Uma umLevi engahlengi , indlu okwathengiswa ngayo nomuzi wefa lakhe kuyakuphuma ngejubili, ngokuba izindlu zemizi yamaLevi ziyifa lawo phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli.

Kepha insimu ekuphumeni kwayo ngejubili iyakuba ngcwele kuJehova njengensimu eyahlukaniswayo; iyakuba yifa lompristi.