Skip to Content

"ngemali"

23 occurrences in ZUL

Onezinsuku eziyisishiyagalombili phakathi kwenu uyakusokwa , bonke abesilisa ezizukulwaneni zenu , lowo ozelwe endlini nalowo othengwe ngemali kowezizwe, ongesiye owenzalo yakho.

Makasokwe ozelwe endlini yakho nothengwe ngemali yakho; isivumelwano sami siyakuba senyameni yenu, sibe yisivumelwano esiphakade.

U-Abrahama wathatha u -Ishmayeli indodana yakhe , nabo bonke ababezelwe endlini yakhe, nabo bonke ababethengwe ngemali yakhe , bonke abesilisa phakathi kwaba ntu bendlu ka -Abrahama, wasoka inyama yejwabu labo ngalona lolo suku, njengalokho uNkulunkulu emtshelile.

Onke amadoda emzini wakhe ayezelwe endlini nayethengwe ngemali kowezizwe asokwa kanye naye.

ukuba angiphe umhume waseMakaphela anawo emkhawulweni wensimu yakhe, awunike kimi ngemali efanele wona , ube yindawo yokumbela phakathi kwenu.

kepha zonke izigqila ezithengwa ngumuntu ngemali mazilidle , uma zisokiwe.

Okuhlengwayo kuyakuhlengwa kusukela kokunenyanga ngokulinganisa kwakho ngemali yamashekeli ayisihlanu ngokweshekeli lendlu engcwele elingamagera angamashumi amabili.

Niyakuthenga kubo ukudla ngemali ukuba nidle, nithenge kubo futhi amanzi ngemali ukuba niphuze.

Uyakuthengisa kimi ukudla ngemali ukuba ngidle, ningiphe amanzi ngemali ukuba ngiphuze; mangidabule kuphela ngezinyawo,

uyakukwenana ngemali , uyisonge imali esandleni sa kho, uye endaweni uJehova uNkulunkulu wakho ayakuyikhetha,

Kepha uma ungathokozi ngaye , womyeka ukuba ahambe , aye lapho ethanda khona ; kodwa awuyikuthengisa ngaye neze ngemali , ungamphathi njengesigqila, ngokuba usumonile. Ifa lobuzibulo

Amahhashi uSolomoni ayenawo ayekhishwe eGibithe naseKuwe; abathengi benkosi bawamukela eKuwe ngemali yawo.

Kodwa indlu kaJehova ayenzelwanga izindebe zesiliva , nezizenze, nezitsha, namacilongo, nazo zonke izinto zegolide , nezinto zesiliva ngemali eyalethwa endlini kaJehova,

Nokho akubalelwananga nabo ngemali eyabekwa esandleni sabo , ngokuba babethembekile ekuphatheni kwabo. Incwadi yomthetho

UDavide wathi ku -Orinani: Nginike indawo yalesi sibuya ukub a ngakhele uJehova i-altare kuyo: uyakunginika yona ngemali epheleleyo ukuba lesi sifo sinqamuke kubantu.

Inkosi uDavide yathi ku -Orinani: Qha, ngiyakukuthenga nokukuthenga ngemali epheleleyo , ngokuba angizukumthathela uJehova okungokwakho , nginikele ngomnikelo wokushiswa ngengikuthole ngeze.

Othanda imali akayikusutha ngemali , nothanda okuningi akaneliswa yizithelo; nalokho kuyize.

Wena Nkosi Jehova , noma umuzi unikelwe esandleni samaKaledi , washo kimi, wathi: Zithengele insimu ngemali, uzifakazisele.

Amasimu ayakuthengwa ngemali , kulotshwe encwadini , kunamatheliswe, kufakazelwe ngofakazi ezweni lakwaBenjamini , nasemaphethelweni aseJerusalema, nasemizini yakwaJuda, nasemizini yasezintabeni, nasemizini yasehlanzeni, nasemizini yaseningizimu, ngokuba ngiyakukubuyisa ukuthunjwa kwabo, usho uJehova.

Amanzi ethu siyawaphuza ngemali, izinkuni zethu ziza ngentengo.

elizinhloko zalo zahlulela ngemivuzo , nelibapristi balo bafundisa ngenkokhelo, nelibaprofethi balo babhula ngemali, bencike nokho kuJehova, bethi: UJehova akaphakathi kwethu na? Asiyikwehlelwa ngokubi.

Kepha uPetru wathi kuye : Isiliva lakho malibhubhe kanye nawe , ngokuba uthi isipho sikaNkulunkulu singathengwa ngemali.

Kepha induna yenkulungwane yaphendula yathi : Mina ngalithenga lelo lungelo ngemali enkulu. Kodwa uPawulu wathi: Kepha mina ngazalwa nalo.