Yimi engiwenzile umhlaba, ngadala abantu phezu kwawo; mina ngezandla zami ngeneka izulu, nebandla lalo lonke ngiliyalezile.
Lapho ngidlula kuwe, ngikubona, bheka, kwakuyisikhathi sakho, isikhathi sokuthanda; ngeneka ingubo yami phezu kwakho , ngembathisa ubunqunu bakho; yebo, ngafunga kuwe , ngangena esivumelwaneni nawe , isho iNkosi uJehova, waba ngowami.