UHana wakhuleka wathi : Inhliziyo yami iyethaba kuJehova , uphondo lwami luphakeme kuJehova; umlomo wami ukhamisile phezu kwezitha zami, ngokuba ngenama ngensindiso yakho.
Kepha ngiwuthembile umusa wakho ; inhliziyo yami izakwethaba ngensindiso yakho;
Siyahalalisa ngensindiso yakho , siphakamise ibhandela egameni likaNkulunkulu wethu; uJehova makagcwalise zonke izicelo zakho.
Jehova, inkosi iyajabula ngamandla akho ; iyethaba kangakanani ngensindiso yakho.
Ngikhumbule, Jehova, ngomusa onawo kubantu bakho , ungihambele ngensindiso yakho,
Ngokuba uJehova uyathokoza ngabantu bakhe; abathobekileyo uyabahlobisa ngensindiso.
Kuyakuthiwa ngalolo suku : Bheka, lo unguNkulunkulu wethu ; simhlalele, uyakusisindisa; lo unguJehova ; simhlalele; siyakujabula, sithokoze ngensindiso yakhe.
Bathandekayo, njengokuba ngenza inkuthalo yonke ukunilobela ngensindiso esiyihlanganyele sonke , ngacindezeleka ukunilobela ukuba nginivuselele ukulwela inkolo abayinikelwayo abangcwele kwaba kanye.