"ngentokozo"
13 occurrences in ZUL
Ngase ngithi mina enhliziyweni yami : Woza, ngizakukulinga ngentokozo; mawubone okuhle nje. Kepha nalokho kwakuyize.
Base bebuya bonke abantu bakwaJuda nabaseJerusalema , uJehoshafati ephambi kwabo, ukuba babuyele eJerusalema ngentokozo, ngokuba uJehova wayesebathokozisile phezu kwezitha zabo.
UJehoyada wamisa ababonisi bendlu kaJehova ngesandla sabapristi bamaLevi uDavide abahlukanisile endlini kaJehova bokunikela ngeminike lo yokushiswa kuJehova njengokulotshiweyo emthethweni kaMose , ngentokozo nangokuhlabelela, njengokuhlela kukaDavide.
Hamba udle isinkwa sakho ngentokozo , uphuze iwayini ngenhliziyo enhle, ngokuba uNkulunkulu usevumile imisebenzi yakho.
Abaningi babapristi namaLevi , nezinhloko zawoyise , abadala ababeyibonile indlu yokuqala , bakhala ngezwi elikhulu ekubekweni kwesisekelo saleyo ndlu pham bi kwamehlo abo ; abaningi bakhamuluka ngentokozo,
Banikela ngemihlatshelo emikhulu ngalolo suku , bathokoza, ngokuba uNkulunkulu wayebathokozisile ngentokozo enkulu ; nabesifazane nabantwana bathokoza, kwezwakala kude ukuthokoza kweJerusalema. Ukubuyiselwa kokweshumi
ukuze ngibone inhlanhla yabakhethiweyo bakho , ngithokoze ngentokozo yesizwe sakho, ngizibonge kanye nefa lakho.
yebo, ngalokho isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Impela ngomlilo womhawu wami ngikhulumile ngensali yezizwe nangawo wonke u-Edomi, ababeke izwe lami libe yifa labo ngentokozo yenhliziyo yabo yonke nangamafundululu omphefumulo, ukuze lilahlwe libe yimpango;
UJehova uNkulunkulu wakho uphakathi kwakho, iqhawe eliyakukusindisa; uyakujabula ngawe ngentokozo , athule othandweni lwakhe , ethabe ngawe ngokuhlabelela.
Imihla ngemihla baqinisela nganhliziyonye ethempelini, bahlephula isinkwa ekhaya, badla ukudla kwabo ngentokozo nangobumhlophe benhliziyo,