Skip to Content

"ngenza"

35 occurrences in ZUL

NginguJehova uNkulunkulu wenu owanikhipha ezweni laseGibithe ukuba ningabi yizigqila zabo; ngaphulile izikeyi zejoka lenu, ngenza ukuba nihambe niluleme. Ukusongelwa kwabeqayo umthetho

Ngase ngenza -ke umphongolo womuthi womtholo , ngabaza izibhebhe ezimbili zamatshe njengezokuqala, ngakhuphukela entabeni nginezibhebhe zombili esandleni sami.

U-Akani wamphendula uJoshuwa , wathi: Kuyiqiniso, ngonile kuJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, ngenza ukuthi nokuthi.

Isibusiso sobezakubhubha safika phezu kwami ; ngenza inhliziyo yomfelokazi ukuba ihube ngokujabula.

Ngenza isivumelwano namehlo ami: ngingabuka kanjani intombi na?

Uma nginqabele abampofu abakufisayo , ngenza amehlo omfelokazi ukuba afiphale,

uma ngidlile izithelo zawo ngingenamali, ngenza ukuba bafe abaniniwo,

yimi engenza ukukhanya nengidala ubumnyama , ngenza ukuthula, ngidala okubi; nginguJehova owenza konke lokho.

ngiyakwenza kule ndlu ebizwe ngegama lami nenithemba kuyo , nakule ndawo enganinika yona nina nawoyihlo, njengalokho ngenza kulo iShilo.

Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka -Israyeli, uthi: Mina ngenza isivumelwano nawoyihlo mhla ngibakhipha ezweni laseGibithe endlini yeziboshwa, ngathi:

Kuyakuba yihlazo , nesaga, nesifundiso, nesimangaliso kuzo izizwe ezikuhaqayo, lapho ngenza izahlulelo phakathi kwakho ngentukuthelo nangokufutheka nangezijeziso ezifuthayo. Mina Jehova ngikhulumile.

Ngenza njengokungiyala kwakhe ; ngayikhipha impahla yami emini njengempahla yokuhamba, kusihlwa ngagebhula ogangeni ngesandla , nanxa sekumnyama ngayikhipha, ngayithwala ehlombe emehlweni abo.

Ngase ngikhuluma kubantu ekuseni; kusihlwa wafa umkami; kusasa ngenza njengalokho ngiyaliwe.

uthi: Isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Bheka, ngimelene nawe Sidoni ; ngiyakudunyiswa phakathi kwakho, bazi ukuthi nginguJehova, lapho ngenza ukwahlulela kulo, ngingcweliswe phakathi kwalo.

Bayakuhlala kulo belondekile, bakhe izindlu, batshale izivini, yebo, bahlale ngokulondeka, lapho ngenza ukwahlulela kubo bonke abanamafundululu kubo phakathi kwababahaqayo , bazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wabo.

Ngenza ukuba esatshwe ezweni labaphilayo , kepha useyakulaliswa uFaro naso sonke isixuku sakhe phakathi kwabangasokile nababulewe ngenkemba , isho iNkosi uJehova.

Ngenza kubo njengokungcola kwabo nanjengezeqo zabo , ngasitheza ubuso bami kubo.

Ngenza isiyalezo ukuba ekubuseni konke kombuso wami abantu bathuthumele, besabe phambi kukaNkulunkulu kaDaniyeli , ngokuba unguNkulunkulu ophilayo , umi kuze kube phakade , nombuso wakhe yiwo ongayikuchithwa, nokubusa kwakhe kuyakuma kuze kube sekupheleni.

Mina Daniyeli ngase ngiphela amandla, ngagula izinsuku ezithile; ngavuka, ngenza umsebenzi wenkosi; ngamangala ngombono , kwakungekho owuqondayo.

Nganithumela isifo ngendlela yaseGibithe , ngazibulala izinsizwa zenu ngenkemba, ngathumba amahhashi enu , ngenza ukuba ukunuka kwekamu lenu kukhuphukele nasemakhaleni enu , kepha nokho anibuyelanga kimi , usho uJehova.

Wayesethi uNkulunkulu kuJona : Wenza kahle ngokuthukuthela ngenxa yomhlakuva na? Wathi: Ngenza kahle ngokuthukuthela kuze kube sekufeni.

kepha u-Esawu ngamzonda, ngenza izintaba zakhe incithakalo , nefa lakhe ngalinika amakhanka asehlane.

UJesu waphendula, wathi kubo: Nami ngizakunibuza izwi libe linye ; uma ningitshela lona, nami ngizakunitshela ukuthi ngenza lokhu ngagunya lini.

Base bemphendul a uJesu , bethi: Asazi. Wayesethi kubo naye : Nami anginitsheli ukuthi ngenza lokhu ngagunya lini. Ukukhuzwa kwabapristi abakhulu nabaFarisi

Kepha uJesu wathi kubo : Ngizakunibuza izwi libe linye , nize ningiphendule; yikhona ngizakunitshela ukuthi ngenza lokhu ngagunya lini.

Base bemphendula uJesu , bathi: Asazi. Wayesethi uJesu kubo : Nami anginitsheli ukuthi ngenza lokhu ngagunya lini.

UJesu wayesethi kubo: Nami-ke anginitsheli ukuthi ngenza lokhu ngagunya lini. Umfanekiso wabalimi besivini (Math. 21:33; Mark. 12:1)

Ongithumileyo unami , kangishiyanga ngedwa , ngokuba ngenza njalo okuthandeka kuye. UJesu uphendulana nabaJuda ngo-Abrahama

kodwa kungukuba izwe lazi ukuthi ngiyamthanda uBaba nokuthi ngenza njengokuba uBaba engiyalile. Sukumani simuke lapha.

Kepha uma ngonile ngenza utho olufanele ukufa , angali ukufa; kodwa uma kungekho lutho lwalokho laba abangimangalela ngakho , akakho onganginikela kubo. Ngilidlulisela kuKesari.

Kepha uma ngenza lokho engingakuthandiyo , ngiyawuvumela umthetho ukuthi muhle.

Uma-ke ngenza lokho engingakuthandiyo akuseyimi engenza lokho , kodwa yisono esihlala kimi.

futhi banganaki izinganekwane nezindaba zolibo olokuzalana ezingapheliyo, ezibanga ukuphikisana kunokuba ziqhube isimiso sikaNkulunkulu esisekukholweni, ngenza njalo namanje;

Bathandekayo, njengokuba ngenza inkuthalo yonke ukunilobela ngensindiso esiyihlanganyele sonke , ngacindezeleka ukunilobela ukuba nginivuselele ukulwela inkolo abayinikelwayo abangcwele kwaba kanye.

Wayesethi ohlezi esihlalweni sobukhosi : Bheka, ngenza konke kube kusha . Wathi: Loba, ngokuba lawa mazwi athembekile, aqinisile.