Skip to Content

"ngenzile"

21 occurrences in ZUL

UJehova wezwa iphunga elimnandi ; uJehova wathi enhliziyweni yakhe : Angisayikuphinda ngiqalekise umhlaba ngenxa yabantu, ngokuba imicabango yomuntu mibi kwasebusheni bakhe ; angisayikuphinda ngibhubhise konke okuphilayo, njengalokho ngenzile.

UJehova wathi kuMose: Zilobele lawa mazwi, ngokuba ngokwalawa mazwi ngenzile isivumelwano nawe nabakwa-Israyeli.

Angikudlanga ekulileni kwami , angisusanga lutho ngingcolile , anginikelanga ngakho kofileyo; ngilalele izwi likaJehova uNkulunkulu wami, ngenzile njengakho konke ongiyale ngakho.

Wayesethi u -Adoni Bezeki : Amakhosi angamashumi ayisikhombisa enqunyiwe izithupha nawoqukula acosha ukudla kwa wo phansi kwetafula lami; njengalokho ngenzile, kanjalo uNkulunkulu uphindisele kimi . Bamyisa eJerusalema, wafela khona.

UDavide wathi kuJehova , lapho eyibona ingelosi eyayibabulala abantu : Bheka, mina ngonile, ngenzile okubi; kepha lezi zimvu zenzeni na ? Isandla sakho masibe phezu kwami naphezu kwendlu kababa. I-altare elisesibuyeni sika-Arawuna

bheka, ngenzile njengezwi lakho : nakhu, ngikunika inhliziyo enokuhlakanipha nokuqonda , okungazange kube khona okunjengakho ngaphambi kwakho nokungayikuvela futhi okunjengakho nangasemva kwakho.

Kwathi ngesikhathi sokunikela ngomnikelo wempuphu u -Eliya umprofethi wasondela, wathi: Jehova Nkulunkulu ka-Abrahama noka-Isaka noka-Israyeli, makwazeke namuhla ukuthi wena unguNkulu nkulu kwa -Israyeli, nokuthi mina ngiyinceku yakho, nokuthi ngenzile konke lokhu ngezwi lakho.

Ngiyacela, Jehova: ake ukhumbule ukuthi ngihambile phambi kwakho ngeqiniso nangenhliziyo epheleleyo , ngenzile okuhle emehlweni akho . Wayesekhala uHezekiya ngokukhala okukhulu.

Lokhu engingakuboni , ngifundise khona ; uma ngenzile okubi , angisayikukuphinda.

Ngakhuluma mina nenhliziyo yami, ngathi: Bheka, ngenzile ukuhlakanipha kube kukhulu , ngikwandisile kunabo bonke phambi kwami eJerusalema , yebo, inhliziyo yami ibonile kakhulu ukuhlakanipha nokwazi.

Kepha mina kungilungele ukusondela kuNkulunkulu ; ngenzile iNkosi uJehova ibe yisiphephelo sami, ukuze ngishumayele zonke izenzo zakho.

Ngenzile isivumelwano nokhethiweyo wami, ngifungile kuye uDavide inceku yami ukuthi:

anginakwenza yini kulo iJerusalema nezithombe zalo, njengalokhu ngenzile kulo iSamariya nezithombe zalo, na?

wathi: Ngiyacela, Jehova: ake ukhumbule ukuthi ngihambile phambi kwakho ngeqiniso nangenhliziyo epheleleyo , ngenzile okuhle emehlweni akho. Wayesekhala uHezekiya ngokukhala okukhulu.

Akakho okhumbulayo , nokwazi nokuqonda akukho kokuba kuthiwe : Ngishisile inxenye yawo ngomlilo , ngenzile isinkwa phezu kwamala hle awo, ngosile inyama , ngayidla; ngingenza okuseleyo kuwo kube yisinengiso , ngikhothamele umbhuku womuthi, na?

Mina ngenzile umhlaba , nomuntu, nesilwane okukhona emhlabeni ngamandla ami amakhulu nangengalo yami eyeluliweyo , ngiwunika lowo ofanele emehlweni ami.

Bheka, indoda eyembethe ilineni , inophondo lukayinki ngasokhalweni lwayo, yabuyisa izwi, yathi: Ngenzile njengokungiyala kwakho.

Thana: Ngiyisibonakaliso senu ; njengalokho ngenzile , kuyakwenziwa kanjalo kubo; bayakuya ekuthunjweni, baboshwe.

Bayakwazi ukuthi nginguJehova , lapho ngenzile izwe libe yincithakalo nokuyize ngenxa yazo zonke izinengiso zabo abazenzileyo.

nokukhuluma kubapristi abasendlini kaJehova Sebawoti nakubaprofethi ngokuthi: Ngikhale ngenyanga yesihlanu , ngizile, njengalokho ngenzile le minyaka eminingi, na?

Ngokuba ngininikile isibonelo ukuba nenze nani njengokuba ngenzile kini.