"ngesabatha"
34 occurrences in ZUL
Waziyala wathi : Nansi into eniyakuyenza : abesithathu kini abangena ngesabatha bayakuba ngabalindi bendlu yenkosi,
Izinduna zamakhulu zenza njengakho konke ukuyala kukaJehoyada umpristi, zathatha, kwaba yileyo naleyo abantu bayo ababeyakungena ngesabatha kanye nababeyakuphuma ngesabatha, zeza kuJehoyada umpristi.
Nansi into eniyakuyenza: abesithathu kini abangena ngesabatha, ababapristi nabamaLevi, bayakuba ngabalindisango,
AmaLevi naye wonke uJuda b enza njengakho konke uJehoyada umpristi ayale ngakho , bathatha, kwaba yilowo nalowo abantu bakhe ababeyakungena ngesabatha kanye nababeyakuphuma ngesabatha , ngokuba uJehoyada umpristi akamukisanga izigaba.
nokuba lapho abantu bezwe beletha impahla , noma uhlobo oluthile lwamabele ngosuku lwesabatha ukuba bathengise ngakho, singathengi kubo ngesabatha nangosuku olungcwele , futhi siwuyeke umnyaka wesikhombisa nazo zonke izikwenetu.
Ngalezo zinsuku ngabona kwaJuda abanyathela izikhamo zewayini ngesabatha nabaletha izithungu zamabele , bethwesa izimbongolo, newayini, nezithelo zewayini , namakhiwane, nemithwalo yonke , bekungenisa eJerusalema ngosuku lwesabatha ; ngabaxwayisa ngosuku abathengisa ngalo lokho kudla.
AbaseTire ababehlala khona bangenisa izinhlanzi nez impahla zezinhlobo zonke, bathengisa ngakho ngesabatha kubantwana bakwaJuda naseJerusalema.
Ngabaxwayisa, ngathi kubo : Nilalelani malungana noganga na ? Uma niphinda, ngiyakubeka isandla sami kini. Kusukela kuleso sikhathi abafikanga ngesabatha.
Ngaleso sikhathi uJesu wadabula amasimu ngesabatha; abafundi bakhe babelambile, baqala ukukha izikhwebu, badla.
Kepha abaFarisi bebona lokho bathi kuye : Bheka, abafundi bakho benza okungavunyelwe ukuba kwenziwe ngesabatha.
Futhi anifundanga yini emthethweni ukuthi ngesabatha abapristi bayalona isabatha ethempelini, bangabi nacala, na?
Bheka, kwakukhona umuntu onesandla esishwabeneyo ; bambuza bathi : Kuvunyelwe yini ukuphulukisa ngesabatha na? -- ukuze bammangalele.
Kepha wathi kubo : Ngumuphi umuntu kini enemvu eyodwa , uma iyele emgodini ngesabatha, ongayikuyibamba, ayikhiphe, na?
Wayesethi kubo: Kuvunyelwe ngesabatha ukwenza okuhle noma okubi yini , ukusindisa umuntu noma ukumbulala na? Kepha bathula.
Wathi kubo: INdodana yomuntu iyiNkosi neyesabatha. UJesu uphilisa ngesabatha (Math. 12:9; Mark. 3:1)
Ababhali nabaFarisi bamqaphelisisa ukuthi uyaphilisa yini ngesabatha , ukuze bathole ukumbeka icala.
UJesu wathi kubo : Ngiyanibuza ukuthi kuvunyelwe ngesabatha ukwenza okuhle noma okubi yini, ukusindisa umuntu noma ukumbulala, na?
Kwathi ekungeneni kwakhe ngesabatha endlini yomunye waba yizikhulu kubaFarisi ukuba adle ukudla, bona uqobo babemqaphele.
UJesu wathatha , wathi kuzo izazimthetho nabaFarisi : Kuvunyelwe yini ukuphulukisa ngesabatha noma qha?
Uma umuntu amukela ukusoka ngesabatha ukuze kungeqiwa umthetho kaMose, pho, ningithukuthelela ngokuba ngaphulukisa umuntu ngokuphelele ngesabatha na?