akangabazanga ngesithembiso sikaNkulunkulu ngokungakholwa , kodwa waqina ekukholweni, enika uNkulunkulu udumo,
ngokuba uma ifa likhona ngomthetho, alikho ngesithembiso ; kepha uNkulunkulu umnikile lona u-Abrahama ngesithembiso.
Kodwa eyesigqilakazi izelwe ngokwenyama , kepha eyokhululekileyo izelwe ngesithembiso.
INkosi ayilibali ngesithembiso sayo , njengalokhu abanye bathi kungukulibala, kepha iyanibekezelela, ingathandi ukuba kubhubhe namunye, kodwa ukuba bonke beze ekuphendukeni.
Kepha siyalindela ngesithembiso sakhe amazulu amasha nomhlaba omusha okukhona kuwo ukulunga.