Skip to Content

"ngesiyalezo"

16 occurrences in ZUL

Lokhu kuyimali yetabernakele , itabernakele lobufakazi , njengokubalwa kwayo ngesiyalezo sikaMose , ngokubala kwamaLevi ngesandla sika -Itamari indodana ka-Aroni umpristi.

Bonke ababalwayo bamaLevi ababalwa nguMose nangu -Aroni ngesiyalezo sikaJehova ngemindeni yabo, bonke abesilisa kusukela kwabanenyanga kuya phezulu, babe yizinkulungwane ezingamashumi amabili nambili.

Ngesiyalezo sika -Aroni nangesamadodana akhe uyakwenziwa wonke umsebenzi wamadodana amaGereshoni emithwalweni yawo yonke nasemisebenzini yawo yonke ; niwamisele yonke imithwalo yawo ezakugcinwa yiwo.

Ngesiyalezo sikaJehova abantwana bakwa-Israyeli bahamba, nangesiyalezo sikaJehova bamisa ; ngesikhathi ifu lihlala phezu kwetabernakele bahlala ekamu.

Ngesinye isikhathi ifu laliphezu kwetabernakele izinsuku eziyingcosana nje; khona ngesiyalezo sikaJehova bahlala ekamu , nangesiyalezo sikaJehova bahamba.

Ngesiyalezo sikaJehova bamisa , nangesiyalezo sikaJehova bahamba ; bagcina inkonzo kaJehova ngesiyalezo sikaJehova ngesandla sikaMose.

UMose wabathuma-ke besuka ehlane lasePharanu ngesiyalezo sikaJehova ; bonke babo babe ngabantu abayizinhloko zabantwana bakwa-Israyeli.

UMose waloba ngokuhamba kwabo ngama banga abo ngesiyalezo sikaJehova; nanka amabanga abo njengokuhamba kwabo.

U-Aroni umpristi wakhuphukela entabeni yaseHori ngesiyalezo sikaJehova, wafela khona ngomnyaka wamashumi amane emva kokuphuma kwabantwana bakwa -Israyeli ezweni laseGibithe, ngenyanga yesihlanu ngolokuqala lwenyanga.

ngesiyalezo sikaJehova bamnika umuzi awu celayo, iThimnati Sera , ezintabeni zakwa-Efrayimi; wakha umuzi, wahlala kuwo.

U-Eliya waseThishibi, owayengowabagogobeleyo kwaGileyadi , wathi ku - Ahabi: Kuphila kuk aJehova, uNkulunkulu ka -Israyeli, engimi phambi kwakhe, akuyikubakho mazolo namvula kule minyaka , kuphela ngesiyalezo sezwi lami.

Bamenzela ugobe , bamkhanda ngamatshe ngesiyalezo senkosi egcekeni lendlu kaJehova.

Zase zihamba izigijimi nezincwadi eziphuma esandleni senkosi nasezikhulwini zayo, zaya kuye wonke u -Israyeli noJuda ngesiyalezo senkosi sokuthi: Nina bantwana bakwa -Israyeli, buyelani kuJehova uNkulunkulu ka - Abrahama noka -Isaka noka -Israyeli ukuba abuyele kuyo insali yenu yabasindileyo esandleni samakhosi ase-Asiriya.

OJehiyeli, no-Azaziya, noNahati, no-Asaheli, noJerimoti, noJozabadi, no- Eleyeli, noJisimakiya, noMahati, noBenaya babe ngababonisi phansi kwesandla sikaKhonaniya noShimeyi umfowabo ngesiyalezo sikaHezekiya inkosi no-Azariya umphathi wendlu kaNkulunkulu.

Kepha inkosikazi uVashiti yenqaba ukuza ngesiyalezo senkosi ngesandla sezinduna; ngalokho inkosi yathukuthela kakhulu , ulaka lwayo lwashisa phakathi kwayo.

Asondela, akhuluma phambi kwenkosi ngesiyalezo senkosi , athi: Asithi ulobile isiyalezo sokuthi yilowo nalowo ocela nakumuphi unkulunk ulu noma kumuntu ngezinsuku ezingamashumi amathathu , kuphela kuwe nkosi , uyakuphonswa emphandwini wezingonyama na ? Inkosi yaphendula yathi : Iqinisile leyo nto ngokomthetho wamaMede namaPheresiya ongenakuguquka.