Skip to Content

"ngesono"

19 occurrences in ZUL

Kwathi ngangomuso uMose wathi kubantu : Nenzile isono esikhulu ; sengiyakukhuphukela kuJehova , uma mhlawumbe ngingenza ukubuyisana ngesono senu.

uma kungumpristi ogcotshiweyo owone kanjalo , aze ehlisele abantu icala , wonikela kuJehova ngesono sakhe one ngaso iduna elingenasici , kube ngumnikelo wesono,

Onke amanoni awo uyakuwashisa e -altare njengamanoni omhlatshelo weminikelo yokuthula , umpristi ayenzele ukubuyisana ngesono sayo , ize ithethelelwe.

uma aziswa isono sakhe one ngaso , woletha umnikelo wakhe wembuzi , insikazi engenasici, ngesono sakhe one ngaso.

Onke amanoni awo uyakuwasusa , njengalokhu amanoni emvu esuswa emhlatshelweni weminikelo yokuthula , umpristi awashise e -altare phezu kweminikelo yomlilo kaJehova , umpristi amenzele ukubuyisana ngesono sakhe one ngaso, aze athethelelwe.

uyakuletha umnik elo wecala lakhe kuJehova ngesono sakhe one ngaso , insikazi yasezimvini, imvu noma imbuzi, kube ngumnikelo wesono, umpristi amenzele ukubuyisana ngesono sakhe.

Uma amandla akhe enganeli imvu, makalethe kuJehova ngesono one ngaso amahobhe amabili noma ama phuphu amabili amajuba , elinye libe ngumnikelo wesono, elinye libe ngumnikelo wokushiswa,

Uyakulungisa elesibili libe ngumnikelo wokushiswa njengokwesimiso , umpristi amenzele ukubuyisana ngesono sakhe one ngaso, aze athethelelwe.

Umpristi uyakumenzela ukubuyisana ngesono sakhe one ngaso , nakuyiphi yalezi zinto, aze athethelelwe; okuseleyo kube ngokompristi njengomnikelo wempuphu. Umthetho weminikelo yecala

Umpristi onikela ngawo ngesono wowudla , udliwe endaweni engcwele egcekeni letende lokuhlangana.

Umpristi uyakumenzela ukubuyisana ngenqama yomnikelo wecala phambi kukaJehova ngesono sakhe one ngaso, athethelelwe isono sakhe one ngaso.

Ufakazi oyedwa nje akayikumvukela umuntu ngobubi , noma ngesono , noma kuyisiphi isono ona ngaso ; ngomlomo wawofakazi ababili noma ngomlomo wawofakazi abathathu indaba iyakuqiniswa.

Ngokuba wahlwitha u -Israyeli endlini kaDavide ; bambeka uJerobowamu indodana kaNebati inkosi ; uJerobowamu wamqubula u -Israyeli ukuba angamlandeli uJehova, wamonisa ngesono esikhulu.

Ngokuba ngiyabika ukona kwami; ngiyadabuka ngesono sami.

Ngumuphi kini ongangilahla ngesono na ? Uma ngikhuluma iqiniso , anikholwa yimi ngani na?

Uma bengingafikile, ngakhuluma kubo, ngabe abanasono; kepha kalokhu kabanazaba ngesono sabo.

Lapho esefikile yena , uyakuqondisa izwe ngesono , nangokulunga, nangokwahlulela:

ngesono, ngokuba bengakholwa yimi;

Uma umuntu ebona umzalwane wa khe ona ngesono esingesiso esokufa , makacele, uyakumnika ukuphila , ekunika labo abenza isono esingesiso esokufa. Sikhona isono sokufa; angisho ukuba kucelwe ngaleso.