Uyakwenza izimpondo zalo emagumbini alo omane , izimpondo zalo zibe kunye nalo, ulinameke ngethusi.
Wenze izitsha zalo zokususa umlotha walo , namafosholo alo, nezitsha zalo, nezimfoloko zalo , nemicengezi yalo yomlilo , uzenze zonke izinto zalo ngethusi.
Uyakwenza izinti ze-altare, izinti zomuthi womtholo, uzinameke ngethusi.
Wazenza izimpondo zalo emagumbini alo omane , izimpondo zalo zazikunye nalo; walinameka ngethusi.
Wazenza zonke izinto ze -altare, amakhanzi, namafosholo, nezitsha, nezimfoloko, nemicengezi yomlilo; wazenza zonke izinto zalo ngethusi.
Wazenza izinti ngomuthi womtholo, wazinameka ngethusi.
Wawenza umcengezi weth usi nesinqe sawo ngethusi lezibuko zabesifazane abahlangana ukuyokhonza ngasemnyango wetende lokuhlangana. Igceke
Wenza izihloko ezimbili ngethusi elibunjiweyo ukuba zibekwe phezu kwezinsika; ubude besinye isihloko babuyizingalo eziyisihlanu , nobude besinye isihloko babuyizingalo eziyisihlanu.
Wenza imicengezi eyishumi ngethusi ; umcengezi munye wawulingene namabhati angamashumi amane ; yilowo nalowo mcengezi wawuyizingalo ezine, naphezu kwezinqe eziyishumi ngazinye kwakukhona umcengezi munye.
Wenza igceke labapristi , negceke elikhulu , neminyango yegceke , wazinameka izivalo zayo ngethusi.
Namakhanzi, namafosholo, nezingwegwe zenyama, nezinto zonke zalokho uHiramu Abi wakwenzela inkosi uSolomoni ngethusi elikhazimulayo kube ngokwendlu kaJehova.