Ngezindaba zonke zamacala , eyenkabi, neyembongolo, neyemvu, neyengubo, neyento elahlekileyo , umuntu asho ngayo ukuthi ngeyakhe , indaba yabo bobabili iyakuza phambi kukaNkulunkulu ; olahlwa nguNkulunkulu uyakumkhokhela umakhelwane wakhe kuphindwe kabili.
Inkosi yathi kuye : Usakhulumelani ngezindaba zakho na ? Ngithi: Wena noSiba, yahlukaniselani izwe.
Ningakhumbuli izinto zakuqala, ningazindli ngezindaba zasendulo.
Ngokuba angikhulumanga koyihlo, angibayalelanga ngezindaba zeminikelo nemihlatshelo mhla ngibakhipha ezweni laseGibithe,
ngayifumana imangalelwe ngezindaba zomthetho wakubo , kepha engamangalelwa ngalutho olufanele ukufa nokuba ukuboshwa.
kepha ngezinsuku zezwi lengelosi yesikhombisa , lapho isizakubetha icilongo, imfihlakalo kaNkulunkulu isiyakube ifeziwe , njengalokho azazisa izinceku zakhe abaprofethi ngezindaba ezijabulisayo.