Zikhuze izilwane zasemhlangeni, umhlambi wezinkunzi kanye namankonyane abantu, azithobise phansi ngezinqamu zesiliva ; uyazihlakaza izizwe ezithanda ukulwa.
Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Maye kumuzi wezingazi , kulo ikhanzi elinokugqwala, nokugqwala kwalo kungaphumanga kulo ! Khipha kulo izinqamu ngezinqamu; alidliwanga yinkatho.