Skip to Content

"ngezinyawo"

39 occurrences in ZUL

Nezilwanyana zonke ezin amaphiko, ezihamba ngezinyawo zozine , ziyisinengiso kini.

Kepha lezi ningazidla kuzo zonke izilwanyana ezinamaphiko , ezihamba ngezinyawo zozine , ezinamanqina ngaphezu kwezinyawo zazo ukuxhuma ngazo emhlabeni;

Nazo zonke ezihamba ngezidladla kuzo zonke izilwane ezihamba ngezinyawo ezine zingcolile kini ; bonke abathinta izidumbu zazo bayakuba ngabangcolile kuze kuhlwe.

Zonke ezihamba ngesisu , nazo zonke ezihamba ngezinyawo ezine noma ngeziningi, nazo zonke ezinwabuzelayo emhlabeni , ningazidli, ngokuba ziyisinengiso.

Wathi futhi uJehova: Ngenxa yokuba amadodakazi aseSiyoni eziphakamisa, ehamba elula izintamo , eqhikiza amehlo , ehamba ecokama ekuhambeni kwawo, ekhenceza ngezinyawo zawo,

Umqhele wokuziphakamisa wezidakwa zakwa-Efrayimi uyakunyathelwa ngezinyawo,

Abantwana bakwa-Israyeli bathi kuye : Siyakukhuphuka ngomgwaqo; uma siphuza amanzi akho , mina nezinkomo zami , ngiyakukhokhela imali yawo . Mangidabule nje ngezinyawo zami, kungabi ngokunye.

Uyakuthengisa kimi ukudla ngemali ukuba ngidle, ningiphe amanzi ngemali ukuba ngiphuze; mangidabule kuphela ngezinyawo,

UJehova wamngquzula uSisera nazo zonke izinqola zakhe nempi yakhe yonke ngosiko lwenkemba phambi kukaBaraki ; uSisera wehlika enqoleni yakhe, wabaleka ngezinyawo.

Kepha uSisera wabaleka ngezinyawo , wafika etendeni likaJayeli umkaHebere umKheni, ngokuba kwakukhona ukuthula phakathi kukaJabini inkosi yaseHasori nendlu kaHebere umKheni.

UJonathani indodana kaSawule wayenendodana elunyonga ngezinyawo . Yayineminyaka eyisihlanu ekufikeni kombiko ngoSawule noJonathani uvela eJizreyeli; umzanyana wayo wayithatha , wabaleka; kwathi eseshesha ukubaleka, yawa, yaba lunyonga. Igama layo lalinguMefibosheti.

Inkosi yayisithi : Akusekho endlini kaSawule noyedwa engingamenzela umusa kaNkulunkulu na ? USiba wathi enkosini : UJonathani usenendodana elunyonga ngezinyawo.

UMefibosheti wayesehlala eJerusalema , ngokuba wadla njalo etafuleni lenkosi; wayelunyonga ngezinyawo zakhe zombili.

Kwathi lapho besammbela umuntu othile , bheka, babona iviyo; bamlahla umuntu ethuneni lika-Elisha. Lowo muntu wanele ukuthinta nje amathambo ka-Elisha, waphila, wema ngezinyawo zakhe. Ama-Aramu ayahlulwa

UDavide inkosi wayesema ngezinyawo , wathi: Ngizweni, bafowethu nabantu bakwethu : mina-ke, kwakusenhliziyweni yami ukwakhela umphongolo wesivumelwano sikaJehova indlu yokuphumula neyesena belo sikaNkulunkulu wethu; ngangizilungiselele ukwakha.

Amaphiko alawo makherubi azelula izingalo ezingamashumi amabili ; ema ngezinyawo zawo, ubuso bawo bubheke endlini.

oqwayiza amehlo, eshudula ngezinyawo zakhe, ekhomba ngeminwe.

Futhi akulungile ukuba umphefumulo ungabi nakwazi ; oshesha ngezinyawo uyaduka.

Uyabaxosha, adlule kahle ngezindlela angazihambanga ngezinyawo.

Wathi kimi : Ndodana yomuntu, yima ngezinyawo zakho , ngiyakukhuluma nawe.

Kwangena kimi uMoya esakhuluma kimi , wangimisa ngezinyawo zami , ngamuzwa owakhuluma kimi.

UMoya wayesengena kimi, wangimisa ngezinyawo zami, wakhuluma kimi, wathi kimi: Hamba uzivalele endlini yakho.

Ngokuba isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Ngokuba ushaye ihlombe , wadubhuza ngezinyawo , wathokozela izwe lakwa -Israyeli ngawo onke amafundululu akho emphefumulweni,

Kuncane kini yini ukuklaba edlelweni elihle nize ninyathele ngezinyawo zenu okuseleyo kwedlelo lenu , nokuphuza amanzi acwebileyo nize nidunge aseleyo ngezinyawo zenu na?

Izimvu zami ziyadla o kunyathelwe ngezinyawo zenu, ziphuza okudungiwe ngezinyawo zenu.

Ngaprofetha njengalokho ngiyaliwe ; umoya wangena kuwo , aphila, ema ngezinyawo zawo, impi enkulu kakhulu impela.

Esokuqala sasinjengengonyama , sinamaphiko okhozi ; ngabheka aze ahluthwa amaphiko aso , saphakanyiswa emhlabeni , samiswa ngezinyawo ezimbili njengomuntu, sanikwa inhliziyo yomuntu.

Emva kwalokho ngabona emibonweni ebusuku ; bheka, isilo sesine , esesabekayo, sinamandla, siqinile kakhulu; sasinamazinyo amakhulu ensimbi, sadla, saphula, sanyathela okuseleyo ngezinyawo zaso ; sahlukile kuzo zonke izilo ezazingaphambi kwaso; sasinezimpondo eziyishumi.

Ngase ngifuna ukwazi iqiniso ngesilo sesi ne esahlukile kuzo zonke zazo , esesabekayo kakhulu, esimazinyo aso ayeyinsimbi, nezinzipho zaso ziyithusi, esasidla, saphula, sanyathela okuseleyo ngezinyawo;

Obambe umnsalo akayikuma ; onejubane ngezinyawo zakhe kayikuzikhulula, nokhwele ihhashi akayikuzikhulula;

Yikho okuyakuba ngukushaya uJehova ayakushaya ngakho bonke abantu abalwe neJerusalema : inyama yab o iyakudleka besemi ngezinyawo zabo , namehlo abo ayakuphelela ezikhoxeni zawo , ulimi lwabo ludleke emlonyeni wabo.

Ninganiki izinja okungcwele , ningaphonsi amaparele enu phambi kwezingulube, funa ziwanyathele ngezinyawo zazo , ziphenduke, ziniklebhule.

Wathi uJesu esekuzwile lokho , wamuka lapho ngomkhumbi , waya endaweni eyihlane eyedwa. Kepha izixuku zathi sezikuzwile , zamlandela ngezinyawo ziphuma emizini.

Abaningi sebebabona bemuka , baqonda, baze bagijimela khona ngezinyawo, bephuma kuyo yonke imizi, babandulela.

EListra kwakuhlezi indoda ethile eyisilima ngezinyawo, eyisishosha selokhu yazalwa ngunina, engazange ihambe.

wathi ngezwi elikhulu : Sukuma, ume ngezinyawo zakho . Yayisigxuma, yahamba.

Kepha thina sandulela ukuya emkhunjini , samuka saya e -Asu, lapho sasizakumkhwelisa khona uPawulu ; ngokuba wayenqumile kanjalo , yena ebezakuhamba ngezinyawo.

Kepha sukuma , ume ngezinyawo z akho; ngokuba ngibonakele kuwe ngalokho ukuba ngikumise ube yisikhonzi nofakazi walokhu kungibona kwakho nowalokhu engizakuzibonakalisa kuwe ngakho,

Kwathi emva kwalezo zinsuku ezintathu nenxenye umoya wokuphila ovela kuNkulunkulu wangena kubo ; base bema ngezinyawo zabo , nabababonayo behlelwa ngukwesaba okukhulu.