"ngezwa"
24 occurrences in ZUL
USawule wayesethi kuJonathani : Ngitshele okwenzileyo . UJonathani wamtshela wathi : Impela ngezwa ingcosana yezinyosi ngesihloko senduku eyayisesandleni sami; bheka, sengizakufa.
Futhi ngezwa izwi leNkosi lithi : Ngiyakuthuma bani, ngubani oyakusiyela na? Ngase ngithi: Bheka, nangu mina; ngithume mina.
Ngaqaphela, ngezwa; abakhulumanga kahle; akakho ozisola ngobubi bakhe, ethi: Ngenzeni na? Bonke baphendukela emisebenzini yab o njengamahhashi aphulukundlela empini.
Ekuhambeni kwazo ngezwa umsindo wamaphiko azo njengomsindo wamanzi amaningi njengezwi likaSomandla , nomsindo wesidu mo njengomsindo wempi; ekumeni kwazo zawehlisa amaphiko azo.
Njengothingo olusemafwini ngosuku lwemvula kwabonakala kanjalo ukumenyezela nxazonke . Kwakunjengesimo senkazimulo kaJehova . Lapho ngiyibona, ngawa ngobuso, ngezwa izwi lokhulumayo.
Wayesengiphakamisa uMoya , ngezwa emva kwami izwi lokuduma okukhulu, lathi: Mayibusiswe inkazimulo kaJehova endaweni yakhe;
Ngezwa izwi lomuntu phakathi kwe -Ulayi elalimemeza lathi : Gabriyeli, menze lo ukuba aqonde umbono.
Ngase ngizwa izwi lamazwi akhe ; lapho ngezwa izwi lamazwi akhe , ngase ngilele ubuthongo obukhulu, ubuso bami bubheke phansi.
Ngezwa umuntu owembethe ilineni , owayephezu kwamanzi omfula ; waphakamisela isandla sakhe sokunene nesandla sa khe sokhohlo ezulwini , wamfunga ophila kuze kube phakade ukuthi kuyakuba ngokwesikhathi , nezikhathi, nenxenye, nalapho sebeqedile ukuphohloza amandla abantu abangcwele, zonke lezo zinto ziyakuqedwa.
kwathi sesiwile phansi sonke emhlabat hini, ngezwa izwi likhuluma kimi ngo limi lwesiHeberu , lithi: Sawulu, Sawulu, ungizingelelani na? Kulukhuni kuwe ukukhahlela ezinkandini.
Ngase ngibona, ngezwa izwi lezingelosi eziningi zihaqe isihlalo sobukhosi , nezidalwa, namalunga, nomumo wazo wawuyizigidi zezigidi nezinkulungwane zezinkulungwane,
Ngase ngibona lapho iWundlu livula ol unye lwezimpawu eziyisikhombisa, ngezwa esinye sezidalwa ezine sisho njengezwi lokuduma, sithi: Woza!
Kuthe selivula uphawu lwesithathu, ngezwa isidalwa sesithathu sithi: Woza! Ngase ngibona , bheka, nanto ihhashi elimnyama nohlezi phezu kwalo ephethe isilinganiso ngesandla sakhe.
Ngase ngibona , ngezwa ukhozi lundiza emkhathini wezulu , lumemeza ngezwi elikhulu, luthi: Maye, maye, maye kwabakhileyo emhlabeni ngokunye ukukhala kwecilongo lezingelosi ezintathu ezisezakubetha!
Ingelosi yesithupha yayisibetha ; ngezwa izwi livela ezimpondweni ezine ze-altare legolide eliphambi kukaNkulunkulu,
Nalapho imidumo eyisikhombisa isikhulumile , ngase ngizakuloba ; kepha ngezwa izwi livela ezulwini , lithi: Namathisela ngophawu okukhulunywe yimidumo eyisikhombisa, kodwa ungakulobi.