yebo, nabo ngiyakubayisa entabeni yami engcwele , ngibathokozise endlini yami yokukhuleka ; iminikelo yabo yokushiswa nemihlatshelo yab o iyakwamukeleka e -altare lami , ngokuba indlu yami iyakubizwa ngokuth i indlu yokukhuleka phakathi kwabantu bonke.
Khona intombi iyakuthokoza ekusineni , nezinsizwa nabadala kanyekanye; ngiyakuphendula ukukhala kwab o kube ngukujabula , ngibaduduze, ngibathokozise, bangabe besaba nosizi.