"ngibeke"
27 occurrences in ZUL
Ngiyakubavusela umprofethi onjengawe phakathi kwabafowabo , ngibeke amazwi ami emlonyeni wakhe, akhulume kubo konke engimyala ngakho.
Ngifakazisa namuhla izulu nomhlaba ngani ukuthi ngibeke phambi kwenu ukuphila nokufa , isibusiso nesiqalekiso; ngalokho khethani ukuphila ukuba niphile, wena nenzalo yakho,
Ngalokho mawulilalele izwi lencekukazi yakho , ngibeke ucezu lwesinkwa phambi kwakho; yidla ukuba uthole amandla, nxa uhamba indlela yakho.
UJehova wathi kuye: Ngiwuzwile umkhuleko wakho nokunxusa kwakho onxuse ngakho phambi kwami ; ngiyingcwelisile le ndlu oyakhileyo ukuba ngibeke khona igama lami kuze kube phakade ; amehlo ami nenhliziyo yami kuyakuba khona izinsuku zonke.
Indodana yakhe ngiyakuyinika isizwe sibe sinye , ukuze uDavide inceku yami abe nesibani izinsuku zonke phambi kwami eJerusalema , umuzi engiwukhethileyo ukuba ngibeke khona igama lami.
Kepha isikhonzi sakhe sathi : Uthini? Ngibeke lokhu phambi kwabantu abayikhulu na ? Wathi: Banike ukuba badle , ngokuba usho kanje uJehova , uthi: Bayakudla, kusale.
Ngiyakutshala umsedari ehlane , umtholo, nombomvana, nomnqumo, ngibeke kwahlongasibi umsayipuresi, nomthidari, nomkhoba kanyekanye,
Ngizweni, bantu bami , ningibekele indlebe nina sizwe sami , ngokuba kuyakuphuma kimi umthetho , ngibeke ukwahlulela kwami kube ngukukhanya kwabantu.
Esikhundleni sethusi ngiyakuletha igolide , nasesikhundleni sensimbi ngiyakuletha isiliva; esikhundleni somuthi ithusi , nasesikhundleni samatshe insimbi, ngibeke ukuthula kube ngababonisi bakho , nokulunga kube ngababusi bakho.
Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka -Israyeli, uthi: Ngibeke ijoka lensimbi entanyeni yazo zonke lezi zizwe ukuba zimkhonze uNebukadinesari inkosi yaseBabele ; yebo, ziyakumkhonza; futhi ngimnike nezilwane zasendle.
Ngiyakwenza nabo isivumelwano esiphakade , ukuze ngingabuyi ekubalandeleni, ngibenzele okuhle, ngibeke ezinhliziyweni zabo ukungesaba, ukuze bangasuki kimi.
uthi kubo : U sho kanje uJehova Sebawoti , uNkulunkulu ka -Israyeli, uthi: Bheka, ngiyakuthumela ukuba ngimbam be uNebukadinesari , inkosi yaseBabele, inceku yami , ngibeke isihlalo sakhe sobukhosi phezu kwalawa matshe engiwashiqeleyo, uyakweneka isivikelo sakhe phezu kwawo.
Lapho olungileyo ephenduka ekulungeni kwakhe , enze okubi , ngibeke isikhubekiso phambi kwakhe , uyakufa. Uma ungamxwayisanga , uyakufela ezonweni zakhe , nezenzo zakhe ezilungileyo azenzileyo aziyikukhunjulwa , kepha igazi lakhe ngiyakulibiza esandleni sakho.
Ngiyakubanika inhliziyo ibe nye, ngibeke umoya omusha phakathi kwabo , ngikhiphe inhliziyo yetshe enyameni yabo, ngibanike inhliziyo yenyama
Isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Ngiyakuzichitha izithombe , ngiqede onkulunkulu eNofi ; akusayikubakho sikhulu esivela ezweni laseGibithe , ngibeke ukwesaba ezweni laseGibithe.
Ngiyakuqinisa izingalo zenkosi yaseBabele , ngibeke inkemba yami esandleni sayo ; kepha ngiyakwaphula izingalo zikaFaro , abubule phamb i kwami ngokububula kogwaziweyo.
Ngiyakwenza mnyama phezu kwakho zonke izinkanyiso zezulu ezikhanyayo, ngibeke ubumnyama ezweni lakho, isho iNkosi uJehova.
Ngiyakwenza isivumelwano sokuthula nabo , sibe yi sivumelwano esiphakade nabo; ngiyakubamisa, ngibandise, ngibeke indlu yami engcwele phakathi kwabo kuze kube phakade.
Ngiyakuphendula imikhosi yenu ibe ngukukhala, nezihlabelelo zenu zonke zibe yizililo, ngibeke izindwangu zamasaka ezinkalweni zonke, nobumpandla kuwo onke amakhanda , ngikwenze kube njengokulilela indodana eyodwa , ukuphela kwakho kube njengosuku olumunyu. Indlala yezwi likaNkulunkulu
Noma beya ekuthunjweni phambi kwezitha zabo , ngiyakubiza inkemba ukuba iphume khona , ibabulale, ngibeke amehlo ami kub o kube kubi , kungabi kuhle.
INkosi yathi eNkosini yami : Hlala ngakwesokunene sami , ngize ngibeke izitha zakho phansi kwezinyawo zakho.