Intukuthelo yami iyakubavuthela ngalolo suku , ngibashiye, ngifihle ubuso bami kubo ; bayakudliwa, behlelwe ngokubi nezinhlupheko eziningi , baze bathi ngalolo suku : Lokhu okubi akusehlelanga yini ngokuba uNkulunkulu wethu engekho phakathi kwethu na?
Bhekani, ngilapha: fakazani ngami phambi kukaJehova naphambi kogcotshiweyo wakhe ukuthi ngithathe inkabi kabani , ngithathe imbongolo kabani, ngikhohlisile ubani, ngicindezele ubani, ngamukele umvuzo esandleni sikabani ukuba ngifihle amehlo ami ngawo na? Ngiyakukubuyisela kini.