Yayisidabuka kakhulu inkosi , yakhuphukela ekamelweni elingaphezu kwesango, yakhala; isahamba yathi : Hhawu, ndodana yami Abisalomu , ndodana yami, ndodana yami Abisalomu ! Sengathi nga ngifile esikhundleni sakho, Abisalomu, ndodana yami, ndodana yami!
Siyezwa amahubo avela emikhawulweni yomhlaba , athi: Udumo malu be koLungileyo! Kepha mina ngithi : Ngifile, ngifile! Maye kimi ! Abakhohlisi bakhohlisile, yebo, abakhohlisi bakhohlisile nokukhohlisa.