Skip to Content

"ngifumene"

22 occurrences in ZUL

wathi: Nkosi, uma ngifumene umusa emehlweni akho , mawungadluli encekwini yakho.

UJakobe wathi : Hhayi bo ; uma ngifumene umusa emehlweni akho , samukele isipho sami esandleni sami , ngokuba ngibone ubuso bakho esengathi ngibona ubuso bukaNkulunkulu, wathokoza ngami.

Kwase kusondela isikhathi ayesezakufa ngaso u -Israyeli; wayesebiza indodana yakhe uJosefa , wathi kuye : Uma ngifumene umusa emehlweni akho, ake ubeke isandla sakho phansi kwethanga lami , ungenzele umusa neqiniso: ake ungangimbeli eGibithe.

Sezidlulile izinsuku zokumkhalela , uJosefa wakhuluma kuyo indlu kaFaro , wathi: Uma ngifumene umusa emehlweni enu , ake nikhulume ezindlebeni zikaFaro ngokuthi

Ngalokho uma ngifumene umusa emehlweni akho, ake ungibonise izindlela zakho ukuba ngikwazi, ukuze ngifumane umusa emehlweni akho , ubhekisise ukuthi lesi sizwe singabantu bakho.

Ngokuba kuyakwaziwa ngani ukuthi ngifumene umusa emehlweni akho , mina nabantu bakho , na? Akungalokhu yini ukuthi uhamba nathi , ukuze sahlukaniswe, mina nabantu bakho, nabanye abantu abasebusweni bomhlaba na?

Wathi: Nkosi, uma ngifumene umusa emehlweni akho , iNkosi mayihambe iphakathi kwethu , ngokuba bangabantu abantamo ilukhuni ; usithethelele ububi bethu nokona kwethu, usithabathe sibe yifa lakho.

Uma ungiphatha kanje , ake ungibulale nokungibulala , uma ngifumene umusa emehlweni akho; mangingaluboni usizi lwami. Amalunga angamashumi ayisikhombisa

Wathi kuye : Uma ngifumene umusa emehlweni akho , unginike isibonakaliso ukuthi nguwe okhuluma nami.

UDavide wabuye wafunga , wathi: Uyihlo uyazi kahle ukuthi ngifumene umusa emehlweni akho; uthi: Makangazi lokhu uJonathani, funa abe nosizi. Kepha, kuphila kukaJehova nokuphila kwakho, kukhona isinyathelo esisodwa nje phakathi kwami nokufa.

wathi: Ake ungivumele ukuba ngihambe , ngokuba umndeni wakithi unomhlatshelo emzini ; umfowethu ungiyalile ; manje-ke, uma ngifumene umusa emehlweni akho , mangihambe ngibone abafowethu . Ngalokho akafikanga etafuleni lenkosi.

UDavide wathi ku -Akhishi: Uma ngifumene umusa emehlweni akho , mabanginike indawo komunye wemizi yasemaphandleni ukuba ngihlale khona, ngokuba inceku yakho izakuhlalelani nawe emzini wenkosi na?

UJowabe wawa phansi ngobuso , wakhuleka, wayibusisa inkosi ; uJowabe wathi: Namuhla inceku yakho iyazi ukuthi ngifumene umusa emehlweni akho, nkosi yami, nkosi, lokhu inkosi ilenzile izwi lenceku yayo.

UHilikiya, umpristi omkhulu, wathi kuShafani umbhali: Ngifumene incwadi yomthetho endlini kaJehova . UHilikiya wanika uShafani leyo ncwadi, wayifunda.

UHilikiya wathatha wathi kuShafani umbhali : Ngifumene incwadi yomthetho endlini kaJehova. UHilikiya wayinika uShafani incwadi.

Uma ngifumene umusa emehlweni enkosi noma kukuhle enkosini ukunginika lokho engikucelayo nokwenza lokho engikufunayo , makuze inkosi noHamani edilini engiyakubalungisela lona ; ngiyakwenza kusasa njengezwi lenkosi. Ukuziphakamisa nokuthukuthela kukaHamani

Wayesephendula u-Esteri inkosikazi, ethi: Uma ngifumene umusa emehlweni akho, nkosi, noma kukuhle enkosini , mangiphiwe ukuphila kwami ngesicelo sami nokwesizwe sakithi ngokufuna kwami,

Wathi: Uma kukuhle enkosini , noma ngifumene umusa phambi kwayo , noma le nto ilungile phambi kwenkosi , uma ngithandeka emehlweni ayo , makulotshwe ukuba zibuyiswe izincwadi zamacebo kaHamani indodana kaHamedatha umAgagi azilobayo ukuba bachithwe abaJuda abasezifundeni zenkosi;

Ngifumene inceku yami uDavide, ngimgcobile ngamafutha ami angcwele.

Ngokuba nabaprofethi nabapristi abanaNkulunkulu ; nasendlini ngifumene okubi kwabo, usho uJehova.

U-Ariyoki wayeseshesha ukumngenisa uDaniyeli phambi kwenkosi , washo kanje kuyo, wathi: Ngifumene umuntu wabathunjwa bakwaJuda oyakwazisa inkosi incazelo.

Ngithokozile kakhulu , ngokuba kubantwana bakho ngifumene abahamba eqinisweni, njengalokho samukele umyalo kuBaba.