Ebusuku ngikhumbula igama lakho, Jehova, ngigcina umthetho wakho.
Nginokuqonda kunabadala, ngokuba ngigcina iziyalezo zakho.
Kanti animazanga, kepha mina ngiyamazi. Uma ngithi angimazi, ngingaba ngumqambimanga njengani. Kepha ngiyamazi, ngigcina izwi lakhe.